Kodwa kanampande phakathi kwakhe, kodwa uhlala isikhashana; kuthi sekuvele usizi nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke masinyane.
AbAhluleli 7:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Hamba manje, umemeze ezindlebeni zabantu, uthi: Wonke owesabayo owesabayo makabuye, asuke entabeni yakwaGileyadi. Kwabuya kubantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili; kwasala izinkulungwane eziyishumi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalokho memeza ezindlebeni zabantu, uthi: ‘Owesabayo ethuthumela makabuye, amuke entabeni yakwaGileyadi!’ ” Kwabuya abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili, kwasala abayizinkulungwane eziyishumi. IsiZulu 2020 Manje memezela lokhu emabuthweni, uthi: ‘Owesabayo, ethuthumela, makabuyele emuva, makasuke entabeni kwaGileyadi.’ ” Kwabuyela emuva abayizi-20 000, kwasala abayizi-10 000. |
Kodwa kanampande phakathi kwakhe, kodwa uhlala isikhashana; kuthi sekuvele usizi nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke masinyane.
Kanjalo abokugcina bayakuba ngabokuqala, nabokuqala babe ngabokugcina, ngokuba baningi ababiziweyo, kepha bayingcosana abakhethiweyo.
Izinceku kumelwe ziqhubeke zikhuluma kubantu zithi: ‘Ngumuphi umuntu owesabayo nodangele? makahambe abuyele endlini yakhe, funa inhliziyo yabafowabo iphele njengenhliziyo yakhe.
Laba bayakulwa neWundlu, kepha iWundlu liyakubanqoba, ngokuba liyiNkosi yamakhosi, neNkosi yamakhosi;
Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, neziphingi, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.
Wathuma izithunywa kuwo wonke uManase; wathuma izithunywa ko-Asheri, noZebuloni, noNafetali; bakhuphuka ukubahlangabeza.