Wathi kubo: “Ngibhekeni, nenze ngokunjalo; bhekani, lapho ngifika eceleni kwekamu, nenze njengalokho ngenza.
AbAhluleli 7:18 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho ngibetha icilongo, mina nabo bonke abanami, nani nivuthele izimpondo zenqama nxazonke zekamu, nithi: ‘Inkemba kaJehova nekaGideyoni! IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nxa ngibetha icilongo, mina nabo bonke abanami, bethani nani amacilongo nxazonke zekamu, nithi: ‘EkaJehova nekaGideyoni!’ ” IsiZulu 2020 Lapho ngishaya icilongo nabo bonke abakanye nami, nani niyoshaya amacilongo nizungeze yonke inkambu, nimemeze, nithi: ‘EkaSimakade nekaGideyoni!’ ” |
Wathi kubo: “Ngibhekeni, nenze ngokunjalo; bhekani, lapho ngifika eceleni kwekamu, nenze njengalokho ngenza.
UGideyoni namadoda ayikhulu ayenaye bafika emaphethelweni ekamu ekuqaleni kwabalindi abaphakathi; sebemise umlindi, bavuthela izimpondo zenqama, baphahlaza izimbiza ezazisezandleni zabo.
Lonke leli bandla liyakwazi ukuthi uJehova akophuli ngenkemba nangomkhonto; ngokuba impi ingekaJehova, uyakuninikela esandleni sethu.