Khona uJesu wathi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukungilandela, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.
AbAhluleli 7:17 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi kubo: “Ngibhekeni, nenze ngokunjalo; bhekani, lapho ngifika eceleni kwekamu, nenze njengalokho ngenza. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wathi kuwo: “Ngibukeni, nenze kanjalo; bhekani, nxa nifika emaphethelweni ekamu, kuyakuthi njengalokho kwenza mina, nenze nani. IsiZulu 2020 Wathi kuwo: “Bhekani mina, nenze njengami uma ngifika emaphethelweni enkambu, nenze njengoba ngenza. |
Khona uJesu wathi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukungilandela, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.
Khumbulani abaniholayo, abakhulume izwi likaNkulunkulu kini, niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.
kungabi ngokuba amakhosi phezu kwefa likaNkulunkulu, kodwa nibe yizibonelo emhlambini.
Wasehlukanisa abantu abangamakhulu amathathu aba izingxenye ezintathu, wabeka icilongo esandleni ngasinye, nezimbiza ezingenalutho nezibani phakathi kwezimbiza.
Lapho ngibetha icilongo, mina nabo bonke abanami, nani nivuthele izimpondo zenqama nxazonke zekamu, nithi: ‘Inkemba kaJehova nekaGideyoni!
U-Abimeleki wakhuphukela entabeni yaseSalimoni, yena nabo bonke abantu ababenaye; u-Abimeleki waphatha imbazo ngesandla sakhe, wagawula igatsha ezihlahleni, walithatha, walibeka ehlombe lakhe, wathi kubantu ababe naye: “Sheshani eningibona ngikwenza. Ngenze njengoba ngenzile.