UJakobe wayesethi endlini yakhe nakubo bonke ababe naye: “Susani onkulunkulu bezizweni abaphakathi kwenu, nizihlambulule, niguqule izingubo zenu.”
AbAhluleli 6:25 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi ngalobo busuku uJehova wathi kuye: “Thatha ijongosi likayihlo, ijongosi lenkomo yesibili eneminyaka eyisikhombisa, udilize i-altare likaBali likayihlo, ugawule isihlahla esiyiso; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi ngalobo busuku uJehova wathi kuye: “Thatha iduna likayihlo nenye inkunzi eneminyaka eyisikhombisa, ubhidlize i-altare likaBali uyihlo analo, ugawule u-Ashera* ongakulo, IsiZulu 2020 Ngalobo busuku uSimakade wathi kuye: “Thatha inkunzi kayihlo, eyesibili eneminyaka eyisikhombisa, ubhidlize i-althare likaBhali elingelikayihlo, ugawule nensika engcwele eseduze kwalo, |
UJakobe wayesethi endlini yakhe nakubo bonke ababe naye: “Susani onkulunkulu bezizweni abaphakathi kwenu, nizihlambulule, niguqule izingubo zenu.”
U-Eliya wayesesondela kubo bonke abantu, wathi: “Koze kube nini nimi phakathi kwenhliziyo ezimbili na?” uma uJehova enguNkulunkulu, mlandeleni; kepha uma kunguBali, mlandeleni. Isixuku asimphendulanga ngazwi.
Ngizoziphatha ngokuhlakanipha ngendlela ephelele. Oh uzoza nini kimi? Ngizohamba endlini yami ngenhliziyo ephelele.
Kodwa kumelwe nidilize ama-altare abo, niphule izithombe zabo futhi nigawule iziqu zabo zemithi.
Othanda uyise noma unina kunami kangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele.
Akakho ongakhonza amakhosi amabili, ngokuba uyakuzonda enye, athande enye; noma ibambelele kwenye, idelele enye. Anikwazi ukukhonza uNkulunkulu noMamona.
Kepha oPetru noJohane baphendula, bathi kubo: “Yahlulelani nina ukuthi kulungile yini emehlweni kaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu.
UPetru nabanye abaphostoli baphendula bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.
Kodwa nansi indlela okufanele niziphathe ngayo; niyakudiliza ama-altare abo, nidilize izithombe zabo, nigawule iziqu zemithi yabo engcwele, nishise izithombe zabo ezibaziweyo ngomlilo.
Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, bakhonza oBali nezihlahla.
Wakhele uJehova uNkulunkulu wakho i-altare esiqongweni saleli dwala endaweni emisiweyo, uthathe inkunzi yesibili, unikele ngomnikelo wokushiswa ngezinkuni zehlathi oyakugawula.