AbAhluleli 6:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Isandla sakwaMidiyani saba namandla phezu kuka-Israyeli, abantwana bakwa-Israyeli bazenzela imigodi esezintabeni, nemigede, nezinqaba ngenxa yabakwaMidiyani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Isandla sakwaMidiyani samahlula u-Israyeli; ngenxa yakwaMidiyani abantwana bakwa-Israyeli bazenzela imihume yasezintabeni, nemigede, nezinqaba. IsiZulu 2020 Isandla sabakwaMidiyani sabehlula abantu bakwa-Israyeli, ngenxa yabakwaMidiyani, abakwa-Israyeli bazakhela izindawo zokucasha ezintabeni, emigedeni, nasezinqabeni. |
Umgodi u-Ishmayeli alahla kuwo zonke izidumbu zamadoda awabulalayo ngenxa kaGedaliya yilowo inkosi u-Asa eyawenza ngenxa yokwesaba uBahasha inkosi yakwa-Israyeli; u-Ishmayeli indodana kaNethaniya waligcwalisa ngababuleweyo.
Nina enakhileyo kwaMowabi, shiyani imizi, nihlale edwaleni, nibe njengejuba elakha isidleke salo emaceleni omlomo womgodi.
Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nani, nibulawe phambi kwezitha zenu; abakuzondayo bayakubusa phezu kwakho; niyobaleka uma kungekho onixoshayo.
(umhlaba wawungabafanele) bazulazula ezingwadule, nasezintabeni, nasemihumeni, nasemihumeni yomhlaba.
Amakhosi omhlaba, nezikhulu, nezinduna, nezicebi, nabanamandla, nezigqila zonke, nabakhululekileyo, bacasha emihumeni nasemadwaleni ezintaba;
Base behlupha abantwana bakwa-Israyeli ngalowo mnyaka, babacindezela iminyaka eyishumi nesishiyagalombili bonke abantwana bakwa-Israyeli ababephesheya kweJordani ezweni lama-Amori aseGileyadi.
Ngaphezu kwalokho, abantwana bakwa-Amoni bawela iJordani ukuze nabo balwe noJuda noBhenjamini kanye nendlu ka-Efrayimi; u-Israyeli wacindezeleka kakhulu.
Lapho u-Israyeli ehlwanyela, amaMidiyani akhuphuka, nama-Amaleki, nabantwana basempumalanga, bakhuphukela kubo;
Lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi baswele (ngokuba abantu babecindezelekile), abantu bacasha emihumeni nasemahlozini nasemadwaleni naseziqongweni nasemigodini.
Base bezibonakalisa bobabili endaweni yabalindi yamaFilisti; amaFilisti athi: “Bheka, amaHeberu aphuma emigodini abecashe kuyo.”