Kepha uDebora umzanyana kaRebeka wafa, wembelwa phansi kweBethele phansi kwe-oki, igama lalo labizwa ngokuthi i-Alonibhakuti.
AbAhluleli 4:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wayehlala phansi kwesundu likaDebora phakathi kweRama neBethele ezintabeni zakwa-Efrayimi; abantwana bakwa-Israyeli bakhuphukela kuye ukuze bagwetshwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayehlala phansi kwesundu likaDebora phakathi kweRama neBethele ezintabeni zakwa-Efrayimi; abantwana bakwa-Israyeli bakhuphukela kuye ukuba bahlulelwe. IsiZulu 2020 Wayevame ukuhlala phansi kwesihlahla sesundu sikaDebhora, phakathi kweRama neBhethele kwelezintaba kwa-Efrayimi. Abantu bakwa-Israyeli babenyukela kuye ukuba abehlulele. |
Kepha uDebora umzanyana kaRebeka wafa, wembelwa phansi kweBethele phansi kwe-oki, igama lalo labizwa ngokuthi i-Alonibhakuti.
Kwathi ngangomuso uMose wahlala ukwahlulela abantu, abantu bema ngakuMose kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.
Nxa benecala, bayeza kimi; ngiyakwahlulela phakathi kwabo, ngibazise izimiso zikaNkulunkulu nemithetho yakhe.
Manje lalela izwi lami, ngizokululeka, futhi uNkulunkulu uyakuba nawe: yiba noNkulunkulu kubantu, ukuze ulethe izindaba kuNkulunkulu.
Basebeqondisa abantu ngazo zonke izikhathi; izindaba ezinzima baziletha kuMose, kepha zonke izindaba ezincane bazihlulela bona.
Usho kanje uJehova, uthi: “Izwi liyezwakala eRama, ukulila nokukhala okumunyu; URaheli owayekhalela abantwana bakhe wala ukududuzwa ngabantwana bakhe ngoba bengekho.
Kwakukhona umuntu othile waseRamatayimi-sofi, wasezintabeni zakwa-Efrayimi, ogama lakhe lalingu-Elkana, indodana kaJerohamu, indodana ka-Elihu, indodana kaThohu, indodana kaSufi, wakwa-Efrayimi.
Bavuka ekuseni kakhulu, bakhuleka phambi kukaJehova, babuya, bafika emzini wabo eRama; u-Elkana wamvuma uHana umkakhe; uJehova wamkhumbula.
Lapho uSawule ezwa ukuthi uDavide utholakele namadoda ayenaye, uSawule wahlala eGibeya ngaphansi komuthi eRama ephethe umkhonto wakhe esandleni sakhe, nazo zonke izinceku zakhe zazimi ngakuye.
Wafa uSamuweli; bonke abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bamlilela, bammbela endlini yakhe eRama. UDavide waqeda, wehlela ehlane lasePharanu.
Wayebuyela eRama; ngoba yayikhona indlu yakhe; wayala khona u-Israyeli; wamakhela khona uJehova i-altare.