Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 4:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

UDebora, umprofethikazi, umkaLapidoti, wayehola u-Israyeli ngaleso sikhathi.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UDebora umprofethikazi, umkaLapidoti, wahlulela u-Israyeli ngaleso sikhathi.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ngaleso sikhathi uDebhora umphrofethikazi, umkaLaphidothi, wayengumehluleli kwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 4:4
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Umpristi uHilikiya, no-Ahikamu, no-Akibori, noShafani, no-Asaya, baya kuHulida umprofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThikiva, kaHarihasi, umlindi wezingubo; (manje wayehlala eJerusalema ekolishi;) bakhuluma naye.


Nkulunkulu wami, khumbula oThobiya noSanibhalati njengalezi zenzo zabo, nangomprofethikazi uNowadiya nabanye abaprofethi ababengangethusa.


UMiriyamu umprofethikazi, udadewabo ka-Aroni, waphatha isigubhu ngesandla sakhe; bonke abesifazane baphuma bamlandela bephethe izigubhu nokusina.


“Wena ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kuwo amadodakazi abantu bakini aprofetha okwenhliziyo yawo; futhi uprofethe ngokumelene nabo.


Ngokuba nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihlenga endlini yobugqila; ngathuma oMose, no-Aroni, noMiriyamu phambi kwenu.


Kwakukhona umprofethikazi uAna, indodakazi kaFanuweli, owesizwe sika-Asheri, esemdala kakhulu, ebehlala nendoda iminyaka eyisikhombisa kusukela ebuntombini bakhe.


Yena lowo wayenamadodakazi amane, izintombi eziprofetha.


Kodwa yilowo nalowo wesifazane okhuleka noma eprofetha ikhanda lakhe lingagutshuzelwe uhlazisa ikhanda lakhe, ngokuba lokho kufana nokuthi uphuciwe.


Akakho umJuda namGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.


Abantwana bakwa-Israyeli bakhuleka kuJehova, ngokuba wayenezinqola zensimbi ezingamakhulu ayisishiyagalolunye; iminyaka engamashumi amabili wabacindezela kakhulu abantwana bakwa-Israyeli.


Wayehlala phansi kwesundu likaDebora phakathi kweRama neBethele ezintabeni zakwa-Efrayimi; abantwana bakwa-Israyeli bakhuphukela kuye ukuze bagwetshwe.


Ngalolo suku uDebora noBaraki, indodana ka-Abinohama, bahlabelela, bathi: