Kepha abantu bempi u-Amasiya ayebabuyise ukuba bangayi naye empini, bahlasela imizi yakwaJuda, kusukela eSamariya kuze kube seBeti Horoni, babulala kuyo izinkulungwane ezintathu, baphanga impango eningi.
AbAhluleli 20:48 - Contemporary Zulu Bible 2024 Amadoda akwa-Israyeli abuyela kubantwana bakwaBenjamini, ababulala ngosiko lwenkemba, namadoda akuleyo naleyo mizi, njengezilwane, nabo bonke abafika esandleni; bathungela yonke imizi ngomlilo abafike kukho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantu bakwa-Israyeli babuyela kubantwana bakwaBenjamini, bababulala ngosiko lwenkemba ababesaphila emzini, nezinkomo, yebo, konke okwafunyaniswayo; futhi yonke imizi abayifumanisayo bayithungela ngomlilo. IsiZulu 2020 Ngaleso sikhathi, abakwa-Israyeli baphindela emuva, babulala ngenkemba abakwaBhenjamini ababesemzini: abantu, izilwane, nakho konke okwakusele, ngisho nemizi eyayisele bayithungela ngomlilo. |
Kepha abantu bempi u-Amasiya ayebabuyise ukuba bangayi naye empini, bahlasela imizi yakwaJuda, kusukela eSamariya kuze kube seBeti Horoni, babulala kuyo izinkulungwane ezintathu, baphanga impango eningi.
Umzalwane owoniweyo ulukhuni kunomuzi onamandla, nokuxabana kwabo kunjengemigoqo yenqaba.
Kepha abantu abangamakhulu ayisithupha baphenduka, babalekela ehlane edwaleni lakwaRimoni, bahlala edwaleni lakwaRimoni izinyanga ezine.
Abantu bakwa-Israyeli bafunga eMispa, bathi: “Makungabikho kithina oyakunikela ngendodakazi yakhe kuBenjamini, ibe ngumkakho.”
Abantwana bakwaBenjamini benza kanjalo, bazithathela abafazi ngokwenani labo kubadansi ababebathumbile; bahamba babuyela efeni labo, bakha imizi, bahlala kuyo.