Bhekani, nginamadodakazi amabili engingaziwa muntu; ngiyakubakhiphela bona, ngenze kubo njengokuhle emehlweni enu; nje ungenzi lutho kulawa madoda; ngoba zeza ngaphansi komthunzi wophahla lwami.
AbAhluleli 19:23 - Contemporary Zulu Bible 2024 Indoda, umninindlu, yaphumela kubo, yathi kubo: “Qha, bazalwane bami, ningenzi okubi okungaka; bhekani ukuthi le ndoda ingene endlini yami, ningenzi lobu buwula. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ixhegu, umninindlu, laphumela kubo, lathi kubo: “Hhayi, bafowethu, ngiyanicela, ningenzi okubi okungako; lokhu lo muntu engenile endlini yami, ningenzi lobu buwula. IsiZulu 2020 Ikhehla, umninindlu laphumela kubo, lathi: “Qha, bafowethu, ningabenzi lobu bubi obungaka. Njengoba le ndoda ingenise endlini yami, ningabenzi lobu buwula obuyihlazo. |
Bhekani, nginamadodakazi amabili engingaziwa muntu; ngiyakubakhiphela bona, ngenze kubo njengokuhle emehlweni enu; nje ungenzi lutho kulawa madoda; ngoba zeza ngaphansi komthunzi wophahla lwami.
Amadodana kaJakobe afika evela endle ekuzwa lokho, amadoda adabuka, athukuthela kakhulu, ngokuba wenze ubuwula kwa-Israyeli ngokulala nendodakazi kaJakobe; okuyinto okungafanele yenziwe.
Wathi kuye: “Qha, mfowethu, ungangiphoqi; ngoba akwenziwa into enje koIsrayeli; musani ukwenza lombhedo.
Khona-ke kumelwe bayikhiphele intombazane emnyango wendlu kayise, amadoda omuzi wakubo kumelwe ayikhande ngamatshe, ize ife, ngoba yenze ubuwula kwa-Israyeli ngokufeba endlini kayise; ngakho kufanele ususe ububi phakathi kwakho.
Othathwe nempango uyakushiswa ngomlilo, yena nakho konke anakho, ngokuba wephule isivumelwano sikaJehova nangenxa yokuthi wenze ubuwula kwa-Israyeli.
Ngasithatha isancinza sami, ngisihlahlela, ngasithuma ezweni lonke lefa lakwa-Israyeli, ngokuba babenzile ihlazo nobuwula kwa-Israyeli.