Wabusa eJerusalema iminyaka emithathu. Igama likanina lalinguMigaya, indodakazi ka-Uriyeli waseGibeya. Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Abiya noJerobowamu.
AbAhluleli 19:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 Base behamba, bahamba; ilanga lashona beseGibeya yakwaBhenjamini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base bethula bahamba; ilanga lashona bengaseGibeya elingelakwaBenjamini. IsiZulu 2020 Base bedlula, baqhubeka nohambo lwabo, ilanga labashonela beseduze neGibheya kwaBhenjamini. |
Wabusa eJerusalema iminyaka emithathu. Igama likanina lalinguMigaya, indodakazi ka-Uriyeli waseGibeya. Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Abiya noJerobowamu.
Wathi encekwini yakhe: “Woza sisondele kwenye yalezi zindawo, silale eGibeya noma eRama.”
Baphambukela khona ukuze bangene balale eGibeya; esengenile, wamhlalisa esigcawini somuzi; ngoba kwakungekho muntu owabangenisa endlini yakhe ukuze balale.
Bheka, kwafika ixhegu livela emsebenzini walo kusihlwa livela ensimini, nalo livela ezintabeni zakwa-Efrayimi; wagogobala eGibeya, kepha abantu baleyo ndawo babengabakwaBenjamini.