Basebedabula inkundla; bahlala eGeba; URama uyesaba; IGibeya yabaleka ebusweni bukaSawule.
AbAhluleli 19:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Inkosi yakhe yathi kuye: “Asiyikusuka lapha, siye emzini womfokazi ongesiye owabantwana bakwa-Israyeli; siyakuwelela eGibeya. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inkosi yayo yathi kuyo: “Asiyikuphambukela emzini wabafokazi ongesiwo owabantwana bakwa-Israyeli, kepha siyakudlulela eGibeya.” IsiZulu 2020 Kepha inkosi yayo yathi kuyo: “Asiyukuphambuka singenise emzini wabezizwe, okungesiwo owabakwa-Israyeli, kunalokho siyakuqhubeka siye eGibheya.” |
Basebedabula inkundla; bahlala eGeba; URama uyesaba; IGibeya yabaleka ebusweni bukaSawule.
Vuthelani icilongo eGibeya, necilongo eRama; memeza kakhulu eBeti Aveni, emva kwakho, Benjamini!
Bazonakalisa ngokujulile njengasezinsukwini zaseGibeya; ngalokho uyakukhumbula ububi babo, ahambele izono zabo.
neSela, ne-Elefi, neJebusi eliyiJerusalema, neGibeyati, neKiriyati; imizi eyishumi nane nemizana yayo. Leli laliyifa labantwana bakwaBhenjamini ngezizukulwane zabo.
Lapho sebeseJebusi, usuku lwase ludlule; inceku yathi enkosini yayo: “Woza singene kulo muzi wamaJebusi, silale khona;
Wathi encekwini yakhe: “Woza sisondele kwenye yalezi zindawo, silale eGibeya noma eRama.”
Naye uSawule waya ekhaya eGibeya; kwahamba naye iviyo lamadoda anhliziyo yawo yayithinte uNkulunkulu.
USawule wazikhethela amadoda ayizinkulungwane ezintathu kwa-Israyeli; izinkulungwane ezimbili zazo zazinoSawule eMigimasi nasentabeni yaseBethele, nenkulungwane inoJonathani eGibeya lakwaBenjamini; abanye abantu wabamukisa, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.