AbAhluleli 19:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho sebeseJebusi, usuku lwase ludlule; inceku yathi enkosini yayo: “Woza singene kulo muzi wamaJebusi, silale khona; IBHAYIBHELI ELINGCWELE SebengaseJebusi, ilanga lase lidlulile kakhulu; inceku yathi enkosini yayo: “Ake uze, siphambukele kulo muzi wamaJebusi, sihlale kuwo.” IsiZulu 2020 Sebeseduze neJebusi, ilanga lase lishonile; inceku yathi enkosini yayo: “Woza, ake siphambukele kulo muzi wamaJebusi, silale ubusuku kuwo.” |
Inkosi nabantu bayo baya eJerusalema kumaJebusi akhileyo kulelo zwe, bakhuluma kuDavide, bathi: “Uma ungabasusi abayizimpumputhe nezinyonga, aniyikungena lapha;
Kepha amaJebusi akhileyo eJerusalema abantwana bakwaJuda babengenakuwaxosha; kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaJuda eJerusalema kuze kube namuhla.
Abantwana bakwaBenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayehlala eJerusalema; kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaBenjamini eJerusalema kuze kube namuhla.
Kodwa lo muntu akathandanga ukuhlala ngalobo busuku, kodwa wasuka wahamba, wafika eJebusi, okuyiJerusalema; futhi wayeboshelwe izimbongolo ezimbili; nesancinza sakhe sasinaye.
Inkosi yakhe yathi kuye: “Asiyikusuka lapha, siye emzini womfokazi ongesiye owabantwana bakwa-Israyeli; siyakuwelela eGibeya.
Nokho kukhona utshani kanye nefolishi lezimbongolo zethu; kukhona futhi isinkwa newayini mina nencekukazi yakho nensizwa ekanye nezinceku zakho; ayintuli lutho.