Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 18:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

Umpristi wasesithi kubo: Hambani ngokuthula, phambi kweNkosi, lizahamba lapho eliya khona.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Umpristi wathi kubo: “Hambani nokuthula; indlela eniyihambayo iphambi kukaJehova.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Umphristi wathi kuwo: “Hambani ngokuthula. Uhambo eniluthathile luphansi kweso likaSimakade.”

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 18:6
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bonke abaprofethi baprofetha kanje, bathi: “Khuphukela eRamoti kwaGileyadi, libe nempumelelo, ngokuba uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.”


Wayesefika enkosini. Inkosi yathi kuye: “Mika, siye eRamoti kwaGileyadi ukulwa, noma siyishiye yodwa na? Wathi kuye: “Hamba ube nempumelelo, ngokuba uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.”


Inkosi yakoIsrayeli yasibiza abaprofethi kungathi abantu abangamakhulu amane, yathi kubo: Ngiye yini eRamothi kwaGileyadi ngilwe, kumbe ngiyeke? Bathi: Yenyukani; ngokuba uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.


Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe;


Wayesehamba uMose, wabuyela kuJetiro umukhwe wakhe, wathi kuye: “Ngivumele ngibuyele kubafowethu abaseGibhithe, ngibone ukuthi basaphila yini. UJetro wathi kuMose: “Hamba ngokuthula.”


“Bheka, ngimelene nabaprofetha amaphupho amanga,” usho uJehova, “bawatshele, badukise abantu bami ngamanga abo nangenkohliso yabo; kodwa angibathumanga, futhi angibayalanga; ngalokho abayikubasiza laba bantu nangayiphi indlela,” usho uJehova.


Izwe uJehova uNkulunkulu wakho alinakekelayo; amehlo kaJehova uNkulunkulu wakho akulo njalo, kusukela ekuqaleni konyaka kuze kube sekupheleni konyaka.


Kepha uNkulunkulu uqobo noBaba wethu, neNkosi yethu uJesu Kristu, makayiqondise indlela yethu yokuza kini.


Basebesithi kuye: Cela iseluleko kuNkulunkulu, ukuze sazi ukuthi indlela esihamba ngayo izaphumelela yini.


Asuka amadoda ayisihlanu, afika eLayishi, abona abantu ababekulo ukuthi babehlezi ngokulondeka njengamaSidoni, benokuthula, belondekile; futhi kwakungekho mantshi ezweni owayengabahlazisa kunoma iyiphi indaba; babekude nabaseSidoni, bengahlangene namuntu.


U-Eli waphendula wathi: “Hamba ngokuthula; uNkulunkulu ka-Israyeli uyakukunika ukunxusa kwakho okucelile kuye.”