Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 16:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

Izikhulu zamaFilisti zabuthana ukuba zenze umhlatshelo omkhulu kuDagoni unkulunkulu wazo, zijabule; ngoba bathi: Unkulunkulu wethu unikele isitha sethu uSamsoni esandleni sethu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Amakhosi amaFilisti abuthana ukuba ahlabele uDagoni unkulunkulu wawo umhlatshelo omkhulu, athokoze, ngokuba athi: “Unkulunkulu wethu unikele uSamsoni isitha sethu esandleni sethu.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Amakhosi amaFilisti abuthanela ukuzokwenza umhlatshelo omkhulu kunkulunkulu wawo uDagoni, nokuba athokoze, ngokuba ayethi: “Unkulunkulu wethu unikele uSamsoni isitha sethu esandleni sethu.”

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 16:23
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Azibeka izikhali zakhe endlini yawonkulunkulu bawo, amisa ikhanda lakhe ethempelini likaDagoni.


Ungathokozi lapho isitha sakho siwa, lenhliziyo yakho mayingathokozi lapho sikhubeka.


Isizwe sishintshile yini onkulunkulu baso, abangebona onkulunkulu na? kepha abantu bami banana udumo lwabo ngalokho okungasizi ngalutho.


Ngokuba zonke izizwe ziyakuhamba, kube yilowo nalowo ngegama likankulunkulu wakhe, kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade.


Kepha ngithi: Okuhlatshwa ngabezizwe bakuhlabela amademoni, hhayi uNkulunkulu;


Kodwa izinwele ekhanda lakhe zaqala futhi ukuhluma ngemva kokuba esephuciwe.


Amnquma ikhanda, akhumula izikhali zakhe, azithumela ezweni lamaFilisti nxazonke ukuba azazise endlini yezithombe zawo naphakathi kwabantu.