Wayesethi ezincekwini zakhe: “Bhekani, izwe likaJowabe liseduze nelami, unebhali khona; hambani niyokhele ngomlilo. Izinceku zika-Abisalomu zayithungela ngomlilo insimu.
AbAhluleli 15:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Esethungele izinkuni ngomlilo, wazidedela zangena emabeleni amaFilisti angakavunwa, washisa izithungu nakokolweni ongakavunwa kanye nemivini neminqumo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wazithungela izikhuni ngomlilo, wazivumela ukuba zingene phakathi kwamabele amaFilisti engakavunwa, washisa amaqhinqa nezinhlanga zamabele kanye nezivini neminqumo. IsiZulu 2020 Esezithungele izihlonti, wazidedela izimpungushe ukuba zingene phakathi kukakolo wamaFilisti ungakavunwa. Washisa izithungo nezinhlanga zikakolo, izivini nezihlahla zeminqumo. |
Wayesethi ezincekwini zakhe: “Bhekani, izwe likaJowabe liseduze nelami, unebhali khona; hambani niyokhele ngomlilo. Izinceku zika-Abisalomu zayithungela ngomlilo insimu.
Uma kuqubuka umlilo kungene ameva, kuqedwe izinqwaba zikakolweni, noma amabele, noma inhlabathi; lowo owabasa umlilo kumele akhiphe isinxephezelo.
Kodwa ngonyaka wesikhombisa kumelwe uwuyeke uphumule futhi uthule; ukuze abampofu babantu bakho badle; futhi ezikushiyayo, kumelwe kudliwe yizilwane zasendle. Kumelwe wenze ngendlela efanayo ngesivini sakho nangeminqumo yakho.
USamsoni wahamba wabamba izimpungushe ezingamakhulu amathathu, wathatha umentshisi, waphendula umsila ngomsila, wafaka umlilo phakathi kwemisila emibili.
AmaFilisti athi: “Ngubani owenze lokho na? Basebesithi: USamsoni, umkhwenyana womThimina, ngoba wathatha umkakhe, wamnika umngane wakhe. AmaFilisti akhuphuka, amshisa yena noyise ngomlilo.