Lawa angamagama amaqhawe kaDavide: UmThahemoni, owayehlezi esihlalweni sobukhosi, inhloko yezikhulu; kwakungu-Adino, umEsnite; yena waphakamisela umkhonto wakhe phezu kwabangamakhulu ayisishiyagalombili wababulala kanyekanye.
AbAhluleli 15:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wafumana umhlathi wembongolo entsha, welula isandla sakhe, wawuthatha, wabulala ngawo inkulungwane yamadoda. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wafumana umhlathi wembongolo osemusha, welula isandla sakhe, wawuthatha, wabulala ngawo abantu abayinkulungwane. IsiZulu 2020 Wathola umhlathi osemusha wembongolo, wawuthatha, wabulala ngawo amadoda ayinkulungwane. |
Lawa angamagama amaqhawe kaDavide: UmThahemoni, owayehlezi esihlalweni sobukhosi, inhloko yezikhulu; kwakungu-Adino, umEsnite; yena waphakamisela umkhonto wakhe phezu kwabangamakhulu ayisishiyagalombili wababulala kanyekanye.
Abahlanu kini bayakuxosha ikhulu, nekhulu kini lixoshe izinkulungwane eziyishumi, izitha zenu ziwe ngenkemba phambi kwenu.
bacima amandla omlilo, baphunyuka obukhali benkemba, baqiniswa ebuthakathakeni, baba ngamaqhawe ekulweni, baxosha amabutho abezizwe.
Umuntu oyedwa phakathi kwenu uyakuxosha inkulungwane; ngoba uJehova uNkulunkulu wenu nguye onilwelayo njengokuthembisa kwakhe kini.
Wayesethi uSamsoni: “Ngomhlathi wembongolo, izinqwaba ngezinqwaba, ngomhlathi wembongolo ngibulale inkulungwane abantu.”
Kwathi eseqedile ukukhuluma, walahla umhlathi esandleni sakhe, wabiza leyo ndawo ngokuthi iRamatlehi.
Emva kwakhe kwaba nguSamgari indodana ka-Anati owabulala kumaFilisti amadoda angamakhulu ayisithupha ngociko lwenkabi; wasindisa no-Israyeli.
Khona-ke uJayeli umkaHebhere wathatha isikhonkwane etendeni waphatha isando ngesandla sakhe, waya kuye ngobumnene, wasibethela isikhonkwane ezinhlafunweni zakhe, wasigxisha emhlabathini, ngoba wayelele ubuthongo obukhulu futhi ekhathele. Ngakho wafa.
Wasehlukanisa abantu abangamakhulu amathathu aba izingxenye ezintathu, wabeka icilongo esandleni ngasinye, nezimbiza ezingenalutho nezibani phakathi kwezimbiza.
Lokhu kubulala kokuqala uJonathani nodibi lwezikhali zakhe abakwenzayo kwakungamadoda angaba amashumi amabili, njengengxenye yehektare yezwe, ababengalima ijoka lezinkomo.
UJonathani wasesithi kuyo ijaha eligqoka izikhali zakhe: Woza, sichaphele endaweni yabalindi yalaba abangasokile; nge min.