Amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle; bazithathela abafazi kubo bonke ababakhethayo.
AbAhluleli 14:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 USamsoni wehlela eThimna, wabona owesifazane eThimna evela phakathi kwamadodakazi amaFilisti. IBHAYIBHELI ELINGCWELE USamsoni wehlela eThimna; wabona owesifazane eThimna wamadodakazi amaFilisti. IsiZulu 2020 USamsoni wehlela eThimna, eselapho wabona enye yamadodakazi amaFilisti. |
Amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle; bazithathela abafazi kubo bonke ababakhethayo.
Kwathi sekuhlwile, uDavide wavuka embhedeni wakhe, wahamba phezu kophahla lwendlu yenkosi; ephezu kophahla wabona owesifazane emgeza; owesifazane wayemuhle kakhulu ebukeka.
Umkhawulo wasuka eBhahala ngasentshonalanga, waya entabeni yaseSeyiri, wadlulela eceleni kweNtaba iJeharimi eyiKesaloni ngasenyakatho, wehlela eBeti Shemeshi, wadlulela eThimna;
Ngokuba konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhukuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni.
UMoya kaJehova waqala ukumnyakazisa ekamu lakwaDani phakathi kweSoreya ne-Eshitawoli.
Wakhuphuka wabatshela uyise nonina, wathi: “Ngabona owesifazane eThimna emadodakazini amaFilisti; bese umthatha manje abe ngumkami.