AbAhluleli 13:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwakukhona umuntu othile waseSore, wesizwe sakwaDani, ogama lakhe lalinguManowa; umkakhe wayeyinyumba, engazali. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwakukhona umuntu othile waseSora womndeni wakwaDani ogama lakhe lalinguManowa; umkakhe wayeyinyumba engazali. IsiZulu 2020 Kwakukhona indoda ethile eZora, yomndeni wakwaDani, igama layo kunguManowa. Umkayo wayeyinyumba, engenabantwana. |
USarayi umka-Abrama wayengamzaleli mntwana, wayenencekukazi yaseGibithe, igama layo lalinguHagari.
U-Isaka wamkhulekela umkakhe kuJehova, ngokuba wayeyinyumba; uRebeka umkakhe wakhulelwa.
Imindeni kaKiriyati Jeharimi; amaItiri, namaPugi, namaSumati, namaMisrai; kubo kwaphuma abaseZareya nama-Estawuli.
Babengenamntwana, ngokuba u-Elisabethe wayeyinyumba, futhi base bekhulile bobabili.
Ingelosi kaJehova yenyuka isuka eGiligali, yaya eBogimi, yathi: “Nganikhuphula eGibithe, nganingenisa ezweni engalifungela oyihlo; ngathi: Angisoze ngaphula isivumelwano sami nani.