AbAhluleli 12:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Emva kwakhe u-Ibisani waseBetlehema waqondisa u-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Emva kwakhe u-Ibisani waseBetlehema wahlulela u-Israyeli. IsiZulu 2020 Emva kukaJeftha kwalandela u-Ibizani waseBhethlehema ukwehlulela u-Israyeli. |
Kepha wena, Betlehema Efrata, noma umncane phakathi kwezinkulungwane zakwaJuda, uyakuphuma kuwe eze kimi, oyakuba ngumbusi kwa-Israyeli; okuphuma kwawo kwakusukela endulo, kwaphakade.
Kwathi uJesu esezelwe eBetlehema laseJudiya emihleni kaHerode inkosi, bheka, kwafika eJerusalema izazi zivela empumalanga,
NeKatati, neNahalali, neShimroni, ne-Idala, neBetlehema: imizi eyishumi nambili nemizana yayo.
Emva kuka-Abimeleki kwasukuma uThola indodana kaPhuwa kaDodo, umuntu wakwa-Isakare, ukuba avikele u-Israyeli; wahlala eSamiri ezintabeni zakwa-Efrayimi.
UJefta wahola u-Israyeli iminyaka eyisithupha. UJefta wakwaGileyadi wafa, wembelwa komunye wemizi yakwaGileyadi.
Wayenamadodana angamashumi amathathu namadodakazi angamashumi amathathu; Futhi wahola u-Israyeli iminyaka eyisikhombisa.
Kwakukhona insizwa yaseBetlehema Juda yesizwe sakwaJuda, engumLevi, yahlala khona njengowezizwe.
Ngalezo zinsuku kungekho nkosi kwa-Israyeli, kwakukhona umLevi othile owayegogobele ezintabeni zakwa-Efrayimi, wazithathela isancinza eBetlehema Juda.
UJehova wasesithi kuSamuweli: Koze kube nini ulilela uSawuli, mina ngimalile ukuthi abuse phezu kukaIsrayeli? Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe, ngiyakuthuma kuJese waseBetlehema, ngokuba ngizilungisele inkosi phakathi kwamadodana akhe.