AbAhluleli 11:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJefta wathi kumalunga akwaGileyadi: “Aningizondanga na, nangixosha endlini kababa na? futhi kungani niza Kimi manje nisenkingeni? IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJefta wathi kumalunga akwaGileyadi: “Aningizondanga yini, nangixosha endlini kababa na? Nizelani kimi manje nisekuhluphekeni na?” IsiZulu 2020 Kodwa uJeftha wathi kumalunga akwaGileyadi: “Anisibo yini labo abangala, bangixosha endlini kababa, na? Pho nilethwa yini kimi uma senisenkathazweni, na?” |
Wozani simthengise kwabakwa-Ishmayeli, isandla sethu masingabi phezu kwakhe; ngokuba ungumfowethu nenyama yethu. Abafowabo basutha.
Amadodana abakucindezelayo ayakuza kuwe ekukhothamela; bonke abakudelelayo bayakukhothama phambi kwamathe ezinyawo zakho; bayakukubiza ngokuthi uMuzi kaJehova, iSiyoni loNgcwele ka-Israyeli.
Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane, abathi bangamaJuda, bengesiwo, kodwa beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.