UDavide wasina ngamandla akhe onke phambi kukaJehova; uDavide wayebhince indwangu yamahlombe yelineni.
AbAhluleli 11:34 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJefta wafika endlini yakhe eMispa; futhi wayezelwe yedwa; ngaye wayengenandodana nandodakazi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJefta weza eMispa endlini yakhe; bheka, indodakazi yakhe yaphuma ukumhlangabeza, iza nezigubhu nokusina; yayingumntwana oyedwa; ngaphandle kwakhe wayengenandodana nandodakazi. IsiZulu 2020 UJeftha wabuyela ekhaya eMizpha; mamo, nakho-ke sekuphuma indodakazi yakhe imhlangabeza, iza nezigubhu isina; kwakuyiyona yodwa ingane ayenayo; wayengenandodana nandodakazi ngaphandle kwayo. |
UDavide wasina ngamandla akhe onke phambi kukaJehova; uDavide wayebhince indwangu yamahlombe yelineni.
Abahlabeleli bangaphambili, nabashaya izinsimbi ngemuva; phakathi kwabo kwakukhona amantombazane adlala izigubhu.
UMiriyamu umprofethikazi, udadewabo ka-Aroni, waphatha isigubhu ngesandla sakhe; bonke abesifazane baphuma bamlandela bephethe izigubhu nokusina.
Khona intombi iyakujabula ekusineni, izinsizwa namaxhegu kanyekanye, ngokuba ngiyakuphendula ukulila kwabo kube-yinjabulo, ngibaduduze, bajabule ngokudabuka kwabo.
Ngiyakubuye ngikwakhe, wakhiwe wena ntombi yakwa-Israyeli; uzophinde uhlotshiswe ngamatende akho futhi uphume ngengoma yenjabulo.
Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nokunxusa; futhi bayongibheka mina abangigwazayo, futhi bayomlilela njengoba nje umuntu elilela indodana yakhe eyodwa, futhi bayoba munyu kuyo, njengomuntu omunyu ngenxa yezibulo lakhe.
Esesondela ngasesangweni lomuzi, bheka, kwakukhona ofileyo ekhishelwa phandle, indodana eyodwa kanina, yena engumfelokazi, nabantu abaningi bomuzi babe naye.
Ngoba wayelendodakazi eyodwa, eyayileminyaka elitshumi lambili, yona isigulela ukufa. Kepha ekuhambeni kwakhe abantu bamminyezela.
Bheka, kwamemeza indoda esixukwini, yathi: “Mfundisi, ngiyakucela ukuba ubheke indodana yami, ngokuba yiyo yodwa kimi;
Abantwana bakwa-Amoni babuthana, bamisa kwaGileyadi. Abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bamisa eMispa.
UJefta wayesehamba namalunga akwaGileyadi, abantu bammisa waba yinhloko nombusi phezu kwabo; uJefta wakhuluma onke amazwi akhe phambi kukaJehova eMispa.
Base bephuma bonke abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yabuthana njengomuntu munye kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba kanye nezwe lakwaGileyadi kuJehova eMispa.
Bhekani, bhekani, lapho amadodakazi aseShilo ephuma ukugida, niphume ezivinini, nizithabathele, kube yilowo nalowo umkakhe emadodakazini aseShilo, niye ezweni lakwaBenjamini.