Abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yonke, basuka eKadeshi, bafika entabeni yaseHori.
AbAhluleli 11:18 - Contemporary Zulu Bible 2024 Base bedabula ihlane, balihaqa izwe lakwa-Edomi nezwe lakwaMowabi, bafika ngasempumalanga kwezwe lakwaMowabi, bamisa ngaphesheya kwe-Arinoni, kepha abangenanga emkhawulweni wakwaMowabi. Ngokuba i-Arinoni lalingumkhawulo wakwaMowabi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Wayesehamba ehlane, wazungeza izwe lakwa-Edomi nezwe lakwaMowabi, weza ngasempumalanga kwezwe lakwaMowabi, wamisa ngaphesheya kwe-Arinoni; kepha abangenanga emkhawulweni wakwaMowabi, ngokuba i-Arinoni lalingumkhawulo wakwaMowabi. IsiZulu 2020 “Base behamba ehlane, bazungeza izwe lakwa-Edomi nelakwaMowabi, baze bafinyelela empumalanga yezwe lakwaMowabi, bakanisa ngakolunye uhlangothi e-Arinoni. Kabangenanga endaweni yabakwaMowabi, ngokuba i-Arinoni yayingumngcele kwaMowabi. |
Abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yonke, basuka eKadeshi, bafika entabeni yaseHori.
UBalaki esezwile ukuthi uBileyamu usefikile, waphuma ukumhlangabeza emzini wakwaMowabi osemngceleni we-Arinoni, ekugcineni ogwini.
Sukumani, nihambe, niwele umfula i-Arinoni; bhekani, ngiyakunikela uSihoni umAmori, inkosi yaseHeshiboni, nezwe lakhe esandleni senu; qala ukulidla futhi ulwe naye empini.
UJehova wathi kimi: “Ningabakhathazi abakwaMowabi, ningalwi nabo empini, ngokuba angiyikuninika izwe labo libe yifa; ngoba iAri ngalinika abantwana bakaLothi njengelifa.