Ngakho uJehova wakhulula u-Israyeli ngalolo suku esandleni sabaseGibhithe; u-Israyeli wabona abaseGibithe befile ogwini lolwandle.
AbAhluleli 10:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wayesethi uJehova kubantwana bakwa-Israyeli: “Anginikhululanga yini esandleni sabaseGibithe, nakuma-Amori, nabantwana bakwa-Amoni, nakumaFilisti? IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Anginisindisanga yini kubo abaseGibithe, nakuwo ama-Amori, nakubo abantwana bakwa-Amoni, nakuwo amaFilisti, na? IsiZulu 2020 USimakade wathi kubantu bakwa-Israyeli: “Anginihlenganga yini kwabaseGibhithe, nabakwa-Amori, nabakwa-Amoni, nakumaFilisti, na? |
Ngakho uJehova wakhulula u-Israyeli ngalolo suku esandleni sabaseGibhithe; u-Israyeli wabona abaseGibithe befile ogwini lolwandle.
Bamnqoba yena namadodana akhe nabo bonke abantu bakhe, kwaze kwangasala muntu, balidla izwe lakhe.
Bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, balandela abanye onkulunkulu bezizwe ezazibazungeza, bakhothamela, bamcunula uJehova intukuthelo.
Wathi kubo: “Ngilandeleni, ngokuba uJehova unikele izitha zenu, abakwaMowabi, esandleni senu.” Behla bamlandela, bathumba amazibuko aseJordani kwaMowabi, abavumelanga muntu ukuba awele.
Emva kwakhe kwaba nguSamgari indodana ka-Anati owabulala kumaFilisti amadoda angamakhulu ayisithupha ngociko lwenkabi; wasindisa no-Israyeli.
Kwathi uJakobe engena eGibithe, oyihlo bakhuleka kuJehova, uJehova wathuma oMose no-Aroni, bakhipha oyihlo eGibithe, babahlalisa kule ndawo.