Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 1:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

UJuda wathumba iGaza nogu lwalo, ne-Ashikeloni nogu lwalo, ne-Ekroni nogu lwalo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UJuda wathatha iGaza nomkhawulo walo, ne-Ashikeloni nomkhawulo walo, ne-Ekroni nomkhawulo walo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

UJuda wadla iGaza nezindawo zalo, i-Ashikeloni nezindawo zalo, ne-Ekhroni nezindawo zalo.

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 1:18
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wabusa phezu kwawo wonke umkhawulo ongasentshonalanga koMfula, kusukela eTifsa kuze kube se-Aza, phezu kwawo wonke amakhosi phesheya koMfula; waba nokuthula nxazonke zakhe.


Ngizamisa imingcele yakho kusukela eLwandle lweSikefe kusiya eLwandle lwamaFilisti, kusukela enkangala kuze kufike eNayile; ngokuba ngiyakubanikela abakhileyo ezweni esandleni sakho; futhi kumelwe ubaxoshe phambi kwakho.


nazo zonke izizwe eziyingxubevange, nawo onke amakhosi ezwe lase-Uzi, nawo onke amakhosi ezwe lamaFilisti, ne-Ashikeloni, ne-Asa, ne-Ekroni, nensali yase-Ashidodi;


Impandla yaba phezu kweGaza; I-Ashikeloni lachithwa nensali yesigodi sabo; koze kube nini uziqothula?


Ama-Avi ayehlala eHazerimi kwaze kwaba se-Asa, amaKafitori aphuma eKafitori, awachitha, ahlala endaweni yawo.)


Akusalanga noyedwa kuma-Anaki ezweni labantwana bakwa-Israyeli; kwasala eGaza, naseGati, nase-Ashidodi kuphela.


kusukela eSihori eliphambi kweGibhithe kuze kube semngceleni we-Ekroni ngasenyakatho, elibalelwa kumaKhanani: izikhulu ezinhlanu zamaFilisti; amaGasathi, nama-Ashidoti, nama-Eskaloni, namaGiti, nama-Ekroni; futhi ama-Avites:


umkhawulo waphuma waya eceleni kwe-Ekroni ngasenyakatho, umkhawulo waphuma waya eSikroni, wadlula entabeni yaseBahala, waphuma waya eJabineyeli; ukuphuma komngcele kwakusolwandle.


UMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe, wehlela e-Ashikeloni, wabulala kubo abantu abangamashumi amathathu, wathatha impango yabo, wanika abachaza imfihlakalo izingubo. Intukuthelo yakhe yavutha, wakhuphukela endlini kayise.


AmaFilisti amthatha, amkhipha amehlo, amyisa eGaza, ambopha ngamaketanga ethusi; waphela amandla etilongweni.


Lezi ziyizikhulu zamaFilisti eziyisihlanu, nawo onke amaKhanani, namaSidoni, namaHivi, ahlala entabeni yaseLebanoni, kusukela entabeni yaseBali-Hermoni kuze kube sekungeneni kweHamati.


Lawa angamasikela egolide amaFilisti awabuyisela kuJehova njengomnikelo wecala; ele-Ashidodi elilodwa, ngeleGaza elilodwa, ngele-Ashikeloni elilodwa, ngeleGati elilodwa, ngele-Ekroni elilodwa;