USara wafa eKiriyati ka-Arba; yiHebroni ezweni laseKhanani; u-Abrahama weza ukumlilela uSara nokumkhalela.
AbAhluleli 1:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJuda wasesuka wahlasela amaKhanani ayakhe eHebroni; igama leHebroni kuqala laliyiKiriyati Araba; babulala oSheshayi, no-Ahimani, noTalimayi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJuda wayesehlasela amaKhanani ayakhe eHebroni igama leHebroni laliyiKiriyati Araba kuqala babulala oSheshayi, no-Ahimani, noTalimayi. IsiZulu 2020 UJuda walwa namaKhanani ayehlala eHebhroni, okwakuthiwa yiKiriyathi Arbha, babulala uSheshayi, u-Ahimani, noThalimayi. |
USara wafa eKiriyati ka-Arba; yiHebroni ezweni laseKhanani; u-Abrahama weza ukumlilela uSara nokumkhalela.
Wathi kuye: “Hamba, ubheke ukuthi basahlezi kahle yini abafowenu nomhlambi; futhi ungilethele izwi futhi. Wamthuma esuka esigodini saseHebroni, wafika eShekemi.
Ngabuya ngabona phansi kwelanga ukuthi ukugijima akusikho okwabanejubane, nokulwa akukho kwabanamandla, nesinkwa ngabahlakaniphileyo, nengcebo ingeyabantu abanengqondo,
Usho kanje uJehova, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazibongi ngokuhlakanipha kwakhe, nonamandla makangazigabisi ngamandla akhe, nocebileyo makangazibongi ngenotho yakhe.
Bakhuphukela eningizimu, bafika eHebroni; lapho kwakukhona o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, amadodana ka-Anaki. (IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kweSowani laseGibithe.)
Sabona lapho amaRefa, amadodana ka-Enaki, evela emaRefa; sasinjengezinkumbi emehlweni ethu, futhi sasinjalo nasemehlweni abo.
UJoshuwa wakhuphuka e-Egiloni no-Israyeli wonke kanye naye, waya eHebroni; balwa nalo.
Igama leHebroni laliyiKiriyati-Arba kuqala; u-Arba wayengumuntu omkhulu phakathi kwama-Anaki. Izwe laphumula empini.
Bamnika uKalebi iHebroni, njengokusho kukaMose; wawaxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki.
Ngemva kwalokho abantwana bakwaJuda behla ukuze balwe namaKhanani ayehlala ezintabeni, eningizimu, nasesigodini.