noSeleki umAmoni, noNaharayi waseBeyeroti, udibi lwezikhali zikaJowabe, indodana kaSeruya,
2 Samuweli 4:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Indodana kaSawule yayinamadoda amabili ayeyizinhloko zamaviyo; igama lenye lalinguBahana, igama lenye lalinguRegabi, amadodana kaRimoni waseBeyeroti wabantwana bakwaBenjamini; ngokuba iBeroti labalwa kanye noBenjamini; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Indodana kaSawule yayinamadoda amabili ayeyizinduna zamaviyo; igama lenye lalinguBahana negama lenye lalinguRekabi, amadodana kaRimoni waseBeyeroti wabantwana bakwaBenjamini, ngokuba iBeyeroti libalelwa kuBenjamini. IsiZulu 2020 Indodana kaSawule yayinezinduna ezimbili zabahlaseli: enye kwakunguBhahana enye kunguRekhabhi. Babengamadodana kaRimoni waseBherothi, wozalo lukaBhenjamini ngokuba iBherothi indawo eyanikwa uBhenjamini. |
noSeleki umAmoni, noNaharayi waseBeyeroti, udibi lwezikhali zikaJowabe, indodana kaSeruya,
Bheka, izinceku zikaDavide noJowabe zafika zivela ekuxosheni iviyo, zeza nempango enkulu, kepha u-Abineri wayengekho kuDavide eHebroni; ngoba wammukisa, wahamba ngokuthula.
Amadodana kaRimoni waseBheroti, uRekabi noBahana, ahamba afika endlini ka-Ishi Bosheti elele embhedeni emini enkulu.
UDavide wabaphendula uRekabi noBahana umfowabo, amadodana kaRimoni waseBeyeroti, wathi kubo: “Kuphila kukaJehova owuhlengile umphefumulo wami osizini lonke!
Ama-Aramu aphuma ngobunengi, athumba incekukazi ezweni lakwa-Israyeli; wamlinda umkaNahamani.
Wabalungisela ukudla okukhulu; sebedlile, baphuza, wabamukisa, baya enkosini yabo. Ngakho amaviyo ama-Aramu awabe esangena ezweni lakwa-Israyeli.
Abantwana bakwa-Israyeli basuka, bafika emizini yabo ngosuku lwesithathu. Imizi yabo yayiyiGibeyoni, neKefira, neBheroti, neKiriyati Jeharimi.