Lapho sebeqala ukuhlabelela nokudumisa, uJehova wabeka abaqamekeli babantwana bakwa-Amoni, nabakwaMowabi, nasezintabeni zaseSeyiri ababefikele uJuda; bashaywa.
2 Samuweli 22:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyakumbiza uJehova ofanele ukudunyiswa; ngakho ngizakhululwa ezitheni zami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo, ngisindiswe ezitheni zami. IsiZulu 2020 Ngimemeza uSimakade ofanele ukudunyiswa, ngisindiswe ezitheni zami. |
Lapho sebeqala ukuhlabelela nokudumisa, uJehova wabeka abaqamekeli babantwana bakwa-Amoni, nabakwaMowabi, nasezintabeni zaseSeyiri ababefikele uJuda; bashaywa.
Khona-ke amaLevi, oJeshuwa, noKadimiyeli, noBani, noHasabhinja, noSherebja, noHodija, noSebanja, noPhetaja, bathi: “Sukumani nimdumise uJehova uNkulunkulu wenu kuze kube phakade naphakade, negama lakhe elitusekayo eliphakeme ngaphezu kwazo zonke izibusiso nodumo.
Ngubani ongalanda izenzo zamandla zikaJehova na? ngubani ongamemezela zonke izindumiso zakhe na?
Lo muntu ompofu wakhala, uJehova wamuzwa, wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko zakhe.
IsiHlabelelo neHubo lamadodana kaKora. Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu emzini kaNkulunkulu wethu, entabeni yakhe engcwele.
Lapho ngikhala kuwe, izitha zami ziyakubuya; engikwaziyo; ngoba uNkulunkulu ungakimi.
Ngokuba mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu; Uyesabeka ngaphezu kwabo bonke onkulunkulu.
Ufanele, Nkosi, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba wena wadala zonke izinto, nangokwentando yakho zikhona, zadalwa.
bethi ngezwi elikhulu: “Lifanele iWundlu elahlatshwa ukwamukela amandla, nengcebo, nokuhlakanipha, namandla, nodumo, nenkazimulo, nokubusiswa.