Kodwa esizukulwaneni sesine ziyakubuyela lapha, ngokuba ububi bama-Amori abukapheleli.
2 Samuweli 21:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Inkosi yasibiza abaseGibeyoni, yathi kubo: (AbaseGibeyoni babengesibo abantwana bakwa-Israyeli, kodwa bensali yama-Amori; abantwana bakwa-Israyeli bafunga kubo; uSawule wazama ukubulala ngokushisekela kwakhe. Kubantwana bakwa-Israyeli noJuda.) IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inkosi yayisibiza abaseGibeyoni, yakhuluma kubo, abaseGibeyoni babengesibo abantwana bakwa-Israyeli, beyinsali yama-Amori; abantwana bakwa-Israyeli babefungile kubo; uSawule wafuna ukubabulala ngokushisekela kwakhe abantwana bakwa-Israyeli nabakwaJuda; IsiZulu 2020 Inkosi yayisibiza abaseGibheyoni yakhuluma nabo. AbaseGibheyoni babengesibo abantu bakwa-Israyeli, babeyinsali yama-Amori. Nokho abakwa-Israyeli babenze isifungo kubo, kodwa uSawule wayefuna ukubabulala ngenxa yentshisekelo yakhe ngabakwa-Israyeli nabakwaJuda. |
Kodwa esizukulwaneni sesine ziyakubuyela lapha, ngokuba ububi bama-Amori abukapheleli.
Intukuthelo kaJehova yaphinda yamvuthela u-Israyeli, wamvusa uDavide ukuba athi: “Hamba ubale u-Israyeli noJuda.
Wathi: “Hamba nami, ubone ukushisekela kwami uJehova.” Base bemvumela ukuba agibele enqoleni yakhe.
Kodwa uJehu akaqaphelanga ukuhamba ngayo yonke inhliziyo yakhe emthethweni kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, ngoba akazange aphambuke ezonweni zikaJerobowamu onisa ngazo u-Israyeli.
Bazalixotsha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza, lapho wonke olibulalayo uzakuthi ukhonza uNkulunkulu.
Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi banentshiseko ngoNkulunkulu, kodwa kungengokokwazi.
Bayanishisekela, kodwa hhayi kahle; yebo, bafuna ukunivalela ngaphandle, ukuze nibaphathe kabi.
Kumelwe uqede zonke izizwe uJehova uNkulunkulu wakho azokusindisa zona; iso lakho aliyikubahawukela; ungakhonzi onkulunkulu bazo; ngoba kuzakuba lugibe kini.
USawule wathi: “UNkulunkulu makenze lokhu, enezele, ngokuba uyakufa nokufa, Jonathani.