Wabafaka esitokisini endlini yenduna yemilindankosi, etilongweni, indawo lapho uJosefa ayeboshwe khona.
2 Samuweli 20:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 UDavide wafika endlini yakhe eJerusalema; inkosi yathatha abesifazane abayishumi ezancinza zayo eyayibashiyile ukuba balinde indlu, yabafaka esitokisini, yabagcina, kepha ayingenanga nabo. Ngemva kwalokho baboshwa kwaze kwaba usuku lokufa kwabo, kuyilapho bona bengabafelokazi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UDavide wafika endlini yakhe eJerusalema; inkosi yathatha abesifazane abayishumi, izancinza zayo, eyayibashiyile ukuba bayilinde indlu, yababeka endlini yokulindela, yabapha ukudla, kepha ayingenanga kubo. Base bevalelwe kwaze kwaba sosukwini lokufa kwabo, behlezi njengabafelokazi. IsiZulu 2020 UDavide wafika esigodlweni sakhe eJerusalema; inkosi yathatha abesifazane abalishumi, abayizancinza zayo, eyayibashiyile ukuba banakekele isigodlo, yababeka endlini yokulindela, yabapha ukudla, kepha ayilalanga nabo. Bavalelwa kwaze kwaba lusuku lokufa kwabo, behlezi njengabafelokazi. |
Wabafaka esitokisini endlini yenduna yemilindankosi, etilongweni, indawo lapho uJosefa ayeboshwe khona.
Inkosi yasiphuma lendlu yayo yonke ilandela. Inkosi yashiya abafazi abayishumi, izancinza ukuba zilinde indlu.
Bonke abantu bakwa-Israyeli benyuka besuka kuDavide, balandela uSheba indodana kaBigi; kepha abantu bakwaJuda banamathela enkosini yabo kusukela eJordani kuze kube seJerusalema.