Kwathi uJakobe ezibona wathi: Leli libutho likaNkulunkulu; waqamba leyo ndawo ngokuthi iMahanayimi.
2 Samuweli 2:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 U-Abineri, indodana kaNeri, nezinceku zika-Ishi Bosheti, indodana kaSawule, baphuma eMahanayimi, baya eGibeyoni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Abineri indodana kaNeri nezinceku zika-Ishi Bosheti indodana kaSawule baphuma eMahanayimi, baya eGibeyoni. IsiZulu 2020 U-Abhineri, indodana kaNeri, nezinceku zika-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, basuka eMahanayimi, baya eGibheyoni. |
Kwathi uJakobe ezibona wathi: Leli libutho likaNkulunkulu; waqamba leyo ndawo ngokuthi iMahanayimi.
U-Abisalomu nawo onke amadoda akwa-Israyeli bathi: “Iseluleko sikaHushayi um-Arki singcono kuneseluleko sika-Ahithofeli. Ngokuba uJehova wanquma ukuchitha iseluleko esihle sika-Ahithofeli, ngenjongo yokuthi uJehova uzomehlisela okubi u-Abisalomu.
Kepha u-Abineri indodana kaNeri, induna yempi kaSawule, wathatha u-Ishi Bosheti indodana kaSawule, wamyisa eMahanayimi;
UJoshuwa wayesekhuluma kuJehova mhla uJehova enikela ama-Amori kubantwana bakwa-Israyeli, wathi phambi kwamehlo ka-Israyeli: “Langa, yima eGibeyoni; nawe nyanga esigodini sase-Ajaloni.
Besaba kakhulu, ngokuba iGibeyoni lalingumuzi omkhulu, njengomunye wemizi yenkosi, futhi lalilikhulu kune-Ayi, namadoda alo onke ayenamandla.
Khuphukelani kimi, lingisize, ukuze sinqobe iGibeyoni, ngoba yenza ukuthula loJoshuwa labantwana bakoIsrayeli.
Uma enamandla okulwa nami, angibulale, siyakuba yizinceku zenu; kepha uma ngiyinqoba, ngiyibulala, niyakuba yizigqila zethu, nisikhonze.