Isikhathi uDavide abusa ngaso eHebroni phezu kwendlu yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha.
2 Samuweli 2:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 U-Ishi Bosheti indodana kaSawule wayeneminyaka engamashumi amane lapho eqala ukubusa phezu kuka-Israyeli, wabusa iminyaka emibili. Kodwa indlu yakwaJuda yamlandela uDavide. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Ishi Bosheti indodana kaSawule wayeneminyaka engamashumi amane ekuqaleni kwakhe ukubusa phezu kuka-Israyeli; wabusa iminyaka emibili. Kepha indlu yakwaJuda yamlandela uDavide. IsiZulu 2020 U-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, wayeseneminyaka engama-40 ngesikhathi eqala ukubusa kwa-Israyeli; wabusa iminyaka emibili. Kepha indlu yakwaJuda yayilandela uDavide. |
Isikhathi uDavide abusa ngaso eHebroni phezu kwendlu yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha.
Kepha u-Abineri indodana kaNeri, induna yempi kaSawule, wathatha u-Ishi Bosheti indodana kaSawule, wamyisa eMahanayimi;
wamenza inkosi kwaGileyadi, naseAsiriya, naseJizreyeli, nakuEfrayimi, nakuBenjamini, nakuIsrayeli wonke.
UDavida wasethuma izithunywa kuIshiboshethi indodana kaSawuli ukuthi: Khulula umkami uMikhali engamgana ngamajwabu ayikhulu amaFilisti.