Iseluleko sika-Ahithofeli asinikeza ngalezo zinsuku sasinjengokungathi umuntu ubuza ezwini likaNkulunkulu; sasinjalo sonke iseluleko sika-Ahithofeli kuDavide naku-Abisalomu.
2 Samuweli 17:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 U-Ahithofeli wathi ku-Abisalomu: “Mangikhethe amadoda ayizinkulungwane eziyishumi nambili, ngisuke ngixoshe uDavide ngalobu busuku. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Ahithofeli wathi futhi ku-Abisalomu: “Mangikhethe manje abantu abayizinkulungwane eziyishumi nambili, ngisuke ngimxoshe uDavide ngalobu busuku, IsiZulu 2020 U-Ahithofeli wathi ku-Absalomu: “Ake ngiqoke amadoda ayizi-12 000, ngizosuka ngimlandele uDavide ngabo bona lobu busuku. |
Iseluleko sika-Ahithofeli asinikeza ngalezo zinsuku sasinjengokungathi umuntu ubuza ezwini likaNkulunkulu; sasinjalo sonke iseluleko sika-Ahithofeli kuDavide naku-Abisalomu.
Ngiyakumfikela ediniwe, ebuthakathaka isandla, ngimethuse; bonke abantu abanaye bayakubaleka; futhi ngizoyinqoba inkosi kuphela.
Ngiyakucambalala ngokuthula, ngilale ubuthongo, ngokuba wena Jehova wedwa ungivumela ukuba ngihlale ngokulondeka.