2 Samuweli 10:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 UHadadezeri wathumela wakhipha ama-Aramu ayengaphesheya koMfula, afika eHelamu; uShobagi, induna yempi kaHadadezeri, waphuma phambi kwabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UHadadezeri wathuma wakhipha ama-Aramu ayephesheya koMfula;* afika eHelamu, uShobaki induna yempi kaHadadezeri ephambi kwawo. IsiZulu 2020 UHadadezeri wayesethumela, wawabiza ama-Aramu ayengaphesheya komfula; afika eHelamu eholwa nguShobhakhi, umkhuzi wempi kaHadadezeri. |
Lapho uDavide etshelwa, wabutha wonke u-Israyeli wawela iJordani wafika eHelamu. Ama-Aramu azihlela ukuhlangabezana noDavide, alwa naye.
UNkulunkulu wamvusela omunye omelene naye, uReshoni, indodana ka-Eliyada, owabaleka enkosini yakhe uHadadezeri, inkosi yaseSoba.
UDavide wamshaya uHadadezeri, inkosi yaseSoba, kwaze kwaba seHamati, ekuyeni kwakhe ukuqinisa umbuso wakhe ngasemfuleni u-Ewufrathe.
Lapho ama-Aramu efika evela eDamaseku ukusiza uHadadezeri inkosi yaseSoba, uDavide wabulala kuma-Aramu abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili.
Ama-Aramu esebonile ukuthi ahlulwe phambi kuka-Israyeli, athuma izithunywa, zawakhipha ama-Aramu ayephesheya koMfula; uSofagi induna yebutho likaHadadezeri waphuma phambi kwabo.