Onezandla ezihlanzekileyo nenhliziyo ehlanzekileyo; ongaphakamiseli umphefumulo wakhe ezeni nongafunganga amanga.
2 kaPetru 3:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Le ncwadi yesibili, bathandekayo, nginilobela yona manje; kukho kokubili engivusa ingqondo yenu ehlanzekileyo ngokunikhumbuza; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Le ncwadi, bathandekayo, isingeyesibili enginilobele yona, engivusa ngazo ingqondo yenu emhlophe ngokunikhumbuza, IsiZulu 2020 Bathandekayo, le ncwadi ngeyesibili enginilobela yona, ngizama kuyo ukuvusa ingqondo yenu ngokunikhumbuza, Baasraak Zulu New Testament Bible Le ncwadi yesibili, bathandekayo, nginilobela yona manje; kukho kokubili engivusa ingqondo yenu ehlanzekileyo ngokunikhumbuza; |
Onezandla ezihlanzekileyo nenhliziyo ehlanzekileyo; ongaphakamiseli umphefumulo wakhe ezeni nongafunganga amanga.
Ihubo lika-Asafa. Yebo, uNkulunkulu muhle ku-Israyeli, kubo abahlanzekile enhliziyweni.
Ngalitshela ngaphambili, ngalitshela njengalokhu ngikhona okwesibili; nanxa ngingekho manje, ngibabhalela abonile ngaphambili nakubo bonke abanye, ukuthi, uma ngibuya, angiyikuyekelela;
Ungasheshi ubeke izandla phezu komuntu, futhi ungahlanganyeli ezonweni zabanye; zigcine uhlanzekile.
Ngalokho ngiyakukhumbuza ukuba uvuse isipho somusa sikaNkulunkulu esikuwe ngokubeka izandla zami.
Kodwa, bathandekayo, silethemba ngani ezintweni ezingcono kakhulu, lanxa sikhuluma kanje.
Njengoba selihlambulule imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso ngoMoya kuze kube sothandweni olungazenzisi lwabazalwane, thandanani kakhulu ngenhliziyo emhlophe;
Bathandekayo, ngiyanincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo;
Ngakho-ke, bathandekayo, njengokuba nilindele lezo zinto, khuthalelani ukuba nifunyanwe kuye ninokuthula, ningenabala, ningenasici.
Ngakho-ke, bathandekayo, njengokuba nazi lokho ngaphambili, xwayani ukuba nidukiswe nokuduka kwababi, niwe ekuqineni kwenu.
Kodwa, bathandekayo, ningayikhohlwa lento eyodwa, ukuthi usuku olulodwa eNkosini lunjengeminyaka eyinkulungwane, neminyaka eyinkulungwane injengosuku olulodwa.
Ngakho-ke ngiyakunikhumbuza, noma benazi lokhu ngaphambili, ukuthi iNkosi, isisindise abantu ezweni laseGibithe, yabuye yabhubhisa abangakholwanga.