2 kaPetru 1:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho-ke yenzani inkuthalo yonke, nezeleni ubuhle ekukholweni kwenu; nasebuhleni ukwazi; IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngalokho nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi, IsiZulu 2020 Ngaleso sizathu-ke, khuthalelani ukwengeza ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi, Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho-ke yenzani inkuthalo yonke, nezeleni ubuhle ekukholweni kwenu; nasebuhleni ukwazi; |
Qapha inhliziyo yakho ngakho konke ukukhuthala; ngoba kuyo kuvela imithombo yokuphila.
Nichithelani imali kukho okungesiso isinkwa na? nomshikashika wenu kulokho okunganelisi? Lalelani kahle Kimi, nidle okuhle, umphefumulo wenu ujabule ngamanoni.
Abakude bayakuza bakhe ithempeli likaJehova, nazi ukuthi uJehova Sebawoti ungithumile kini. Lokhu kuyakuba njalo uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho.
Futhi phezu kwakho konke lokhu phakathi kwethu lani kubekiwe umhosha omkhulu, ukuze abafuna ukuwela besuka lapha besiya kini bangabi; futhi abanakuwelela kithi abafuna ukuvela khona.
Kepha besethemba ukuthi nguye obezakuhlenga u-Israyeli; futhi phezu kwakho konke lokho sekulusuku lwesithathu lezo zinto zenzekile.
Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kodwa ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyonipha khona iNdodana yomuntu;
Bazalwane, ningabi ngabantwana ngokuqonda, nokho ebubini nibe ngabantwana, kepha ekuqondeni nibe ngamadoda.
Nalokhu ngiyakhuleka ukuba uthando lwenu luvame kakhulu ekwazini nasekuqondeni konke;
Ngakho-ke, bathandekayo, njengalokho nilalela ngezikhathi zonke, kungesikho nxa ngikhona kuphela, kepha ikakhulu manje ngingekho, sebenzelani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela.
Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhle, konke okulungileyo, konke okuhlanzekileyo, konke okuthandekayo, konke okutusekayo; uma kukhona okuhle, noma kukhona ukubongwa, zindlani ngalezizinto.
Ngalokho nathi, kusukela osukwini esakuzwa ngalo, asiphezi ukunikhulekela, nokunxusa ukuba nigcwaliswe ukwazi intando yakhe kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda kokomoya;
Kepha ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa, ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.
nibhekisise kungabikho osilela umusa kaNkulunkulu; funa kumile impande yokubaba inikhathaze, kungcoliswe abaningi ngayo;
Sifisa ukuthi yilowo nalowo kini akubonakalise lokho kukhuthala, kube yisiqinisekiso esigcwele sethemba kuze kube sekupheleni.
Abuyela kuJoshuwa, athi kuye: “Mabangakhuphuki bonke abantu; kodwa makukhuphuke amadoda angaba yizinkulungwane ezimbili noma ezintathu, alichithe i-Ayi; mabangasebenzi khona bonke abantu; ngoba bayingcosana.
Kanjalo nani madoda, hlalani nabo ngokokwazi, nibanike udumo njengesitsha esibuthakathaka kakhudlwana, nanjengezindlalifa kanye nani zomusa wokuphila; ukuze imikhuleko yenu ithiye.
Ngakho-ke, bazalwane, khuthalelani kakhulu ukwenza kuqiniseke ukubizwa nokukhethwa kwenu;
Ngoba ngokunjalo lizaphiwa ngokwengezelelwa ukungena embusweni waphakade weNkosi yethu loMsindisi uJesu Kristu.
Ngakho-ke, bathandekayo, njengokuba nilindele lezo zinto, khuthalelani ukuba nifunyanwe kuye ninokuthula, ningenabala, ningenasici.
Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye manje kuze kube phakade. Amen.