Waqamba leyo ndawo ngokuthi iBethele, kepha igama lalowo muzi laqala ngokuthi iLus.
1 Samuweli 7:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wayehamba iminyaka ngeminyaka eya eBhethele, naseGiligali, naseMispa, waqondisa u-Israyeli kuzo zonke lezo zindawo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wahamba iminyaka ngeminyaka ezungeza, waya eBethele, naseGiligali, naseMispa; wahlulela u-Israyeli kuzo zonke lezo zindawo. IsiZulu 2020 Wayezungeza njalo minyaka yonke aye eBhetheli, eGiligali, naseMizpha; wamehlulela u-Israyeli kuzo zonke lezo zindawo. |
Waqamba leyo ndawo ngokuthi iBethele, kepha igama lalowo muzi laqala ngokuthi iLus.
UJakobe wafika eLuze esezweni laseKhanani eliyiBethele, yena nabantu bonke ababe naye.
Yizwani lokhu, nina bapristi! lalelani nina ndlu ka-Israyeli! lalelani nina ndlu yenkosi! ngoba ukwahlulela kuyeza phezu kwenu, ngoba benilugibe eMispa nenetha elenekwe eThabori.
Kepha ningalifuni iBethele, ningangeni eGiligali, ningaweli eBeri Sheba; ngoba iGiligali lizakuya ekuthunjweni, leBhetheli lizabhubha.
Abantwana bakwa-Israyeli bamisa eGiligali, bagcina iphasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga kusihlwa emathafeni aseJeriko.
INkosi yasisithi kuJoshuwa: Lamuhla ngilethulile kini ihlazo leGibhithe. Ngalokho igama laleyo ndawo lathiwa iGiligali kuze kube namuhla.
Wayenamadodana angamashumi amathathu agibela amaesile angamashumi amathathu, benemizi engamashumi amathathu ebizwa ngokuthi iHavoti-Jayire kuze kube namuhla, esezweni lakwaGileyadi.
Wayenamadodana angamashumi amane namadodana omfowabo angamashumi amathathu agibela izimbongolo ezingamashumi ayisithupha; wahola u-Israyeli iminyaka eyisishiyagalombili.
Khulumani nina enigibele izimbongolo ezimhlophe, nina enihlezi ekwahluleleni nihamba endleleni.