U-Ezra esekhulekile nokuvuma izono, wakhala, wakhuleka phambi kwendlu kaNkulunkulu, ibandla elikhulu kakhulu lamadoda, nabesifazane, nabantwana, labuthana kuye kwa-Israyeli; ngoba abantu bakhala kakhulu.
1 Samuweli 30:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 UDavide namadoda ayenaye baphakamisa amazwi abo, bakhala, baze bangabe besaba namandla okukhala. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UDavide nabantu ababe naye base bedazuluka, bekhala, baze bangabe besaba namandla okukhala. IsiZulu 2020 UDavide nabantu ababenaye badazuluka, bakhala, baze baphelelwa ngamandla okulila. |
U-Ezra esekhulekile nokuvuma izono, wakhala, wakhuleka phambi kwendlu kaNkulunkulu, ibandla elikhulu kakhulu lamadoda, nabesifazane, nabantwana, labuthana kuye kwa-Israyeli; ngoba abantu bakhala kakhulu.
Ibandla lonke laphakamisa izwi lalo, lakhala; basebekhala abantu ngalobobusuku.
UMose wawakhuluma lawo mazwi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli; abantu badabuka kakhulu.
Kwathi ingelosi kaJehova ikhuluma lawo mazwi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, abantu badazuluka bakhala.
Abantu base befika endlini kaNkulunkulu, bahlala khona kwaze kwahlwa phambi kukaNkulunkulu; baphakamisa izwi labo, bakhala kakhulu;
Izithunywa zafika eGibeya likaSawule, zamemezela lezi zindaba ezindlebeni zabantu, futhi bonke abantu baphakamisa amazwi abo bakhala inyembezi.
UDavide nabantu bakhe bangena emzini, bheka, wawushisiwe ngomlilo; omkabo namadodana abo namadodakazi abo bathunjwa.
Lapho efika, bheka, u-Eli wayehlezi esihlalweni eceleni kwendlela, wabheka, ngokuba inhliziyo yakhe yayithuthumela ngomphongolo kaNkulunkulu. Lapho lowo muntu efika emzini, wabika, kwakhala umuzi wonke.