Ngalezo zinsuku amaFilisti abutha amabutho awo ukuba alwe no-Israyeli. Wayesethi u-Agi kuDavide: “Yazi impela ukuthi uyakuphuma nami ukuya empini, wena nabantu bakho;
Kwathi ngalezo zinsuku amaFilisti abutha amabutho awo ukuba aphume impi no-Israyeli. U-Akhishi wathi kuDavide: “Yazi nokwazi ukuthi uyakuphuma impi nami, wena nabantu bakho.”
Kwathi ngalezo zinsuku amaFilisti aqoqa amabutho awo ukuba aphume ayokulwa no-Israyeli. U-Akhishi wathi kuDavide: “Yazi ngokweqiniso ukuthi uzophuma impi nami, wena nabantu bakho.”
AmaFilisti abuthana ukulwa no-Israyeli: izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisithupha namadoda angangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi; benyuka bamisa inkamba eMigimasi ngasempumalanga kwaseBeti Aveni.
AmaFilisti abutha izimpi zawo ukuba alwe, abuthana eSogo lakwaJuda, amisa phakathi kweSogo ne-Azeka e-Efesu-Damimi.
U-Akhishi wamkholwa uDavide, wathi: “Wenzé abantu bakhe u-Israyeli baba yisinengiso kuye; ngalokho uyakuba yinceku yami kuze kube phakade.
AmaFilisti alwa no-Israyeli; abantu bakwa-Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, bawa begwaziwe entabeni yaseGilibowa.
Lapho amaFilisti ezwa ukuthi abantwana bakwa-Israyeli babuthene eMispa, izikhulu zamaFilisti zahlasela u-Israyeli. Lapho abantwana bakwa-Israyeli bekuzwa lokho, besaba amaFilisti.