1 Samuweli 23:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ufikile eKehila. USawule wayesethi: “UNkulunkulu umnikele esandleni sami; ngoba uvalelwe ngokungena emzini onamasango nemigoqo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ufikile eKeyila. Wayesethi uSawule: “UNkulunkulu umkhaphele esandleni sami, ngokuba uzivalele ngokungena emzini onamasango nemigoqo.” IsiZulu 2020 Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ufikile eKheyila. Wayesethi uSawule: “UNkulunkulu umkhaphele esandleni sami, ngokuba uzivalele ngokungena emzini onamasango nemigoqo.” |
Makabongwe uJehova, ngokuba ungenzele umusa wakhe omangalisayo emzini onamandla.
Ngoba uFaro uzakuthi ngabantwana bakoIsrayeli: Badidekile elizweni, inkangala ibahaqile.
Isitha sathi: Ngiyakubaxosha, ngifice, ngahlukanise impango; ukunxanela kwami kuyakwaneliswa phezu kwabo; ngiyakuhosha inkemba yami, isandla sami sibachithe.
UDavide wahlala ehlane ezinqabeni, wahlala entabeni ehlane laseZifi. USawule wamfuna zonke izinsuku, kepha uNkulunkulu akamnikelanga esandleni sakhe.
Lapho u-Abiyathara indodana ka-Ahimeleki ebaleka ngemva kukaDavide eKehila, wehla ephethe indwangu ehlombe esandleni sakhe.
USawule wabiza bonke abantu ukuba balwe, behlele eKehila, bavimbezele uDavide nabantu bakhe.