1 Samuweli 2:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Iminsalo yabanamandla yaphuliwe, nabakhubekayo babhincwe amandla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Iminsalo yamaqhawe yaphuliwe, kepha abakhubekayo babhinciswa amandla. IsiZulu 2020 “Iminsalo yamaqhawe yaphuliwe; abakhubekayo babhinciswa amandla. |
Thula, nazi ukuthi mina nginguNkulunkulu; ngiyathanda ukuphakama phakathi kwabezizwe, ngiphakanyiswe emhlabeni.
Uphelisa ukulwa kuze kube semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, aphule umkhonto; inqola uyishisa ngomlilo.
Ngaphandle kwami bayokhothama phakathi kwezithunjwa, futhi bayowela phakathi kwababuleweyo. Kukho konke lokhu ulaka lwakhe alubuyanga, kodwa isandla sakhe sisaluliwe.
Ngoba noma benilichithe lonke ibutho lamaKaledi alwa nani, kwasala abalimele phakathi kwabo, nokho bebeyakuma, kube yilowo nalowo etendeni lakhe, awushise lo muzi ngomlilo.
Ngokuba umchithi walifikela, yebo, phezu kweBabele, namaqhawe alo athunjwa, kwaphulwa yonke iminsalo yawo; ngoba uJehova, uNkulunkulu wembuyekezo, uyobuyisela ngokuqinisekile.
Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele, ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni. Ngakho-ke ngizathokoza ngokuthokoza okukhulu ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami.
Ngakho yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifake isivikelo sesifuba sokulunga;
Ngisezakuthini futhi? ngoba isikhathi singaphela ngilandisa ngoGidiyoni, loBharaki, loSamsoni, loJefitha; ekaDavide, noSamuweli, neyabaprofethi;
bacima amandla omlilo, baphunyuka obukhali benkemba, baqiniswa ebuthakathakeni, baba ngamaqhawe ekulweni, baxosha amabutho abezizwe.