1 Samuweli 19:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 USawule wazama ukumgwaza uDavide odongeni ngomkhonto; kepha washelela ebusweni bukaSawule, wagwaza umkhonto odongeni; uDavide wabaleka, waphunyuka ngalobo busuku. IBHAYIBHELI ELINGCWELE USawule wafuna ukumbhujela uDavide ngomkhonto odongeni, kepha wanyelela ebusweni bukaSawule, wagwaza ngomkhonto odongeni; uDavide wabaleka, waphunyuka ngalobo busuku. IsiZulu 2020 USawule wazama ukuphisela uDavide ngomkhonto odongeni, kodwa waphunyula kuSawule, umkhonto waphaphalaza wagwaza udonga. UDavide wayesebaleka, waphunyuka kanjalo-ke ngalobo busuku. |
Wangisindisa esitheni sami esinamandla nakubo ababengizonda, ngokuba babenamandla kunami.
Asikho isikhali esenzelwa wena esiyophumelela; nalo lonke ulimi olukuvukelayo ekwahluleleni kumelwe ululahle. Leli yifa lezinceku zikaJehova, nokulunga kwazo okuvela kimi,” usho uJehova.
O Efrayimi, ngiyakwenzani kuwe na? Juda, ngenzeni kuwe na? ngokuba umusa wakho unjengefu lokusa, nanjengamazolo amuka ekuseni.
Kepha nxa benizingela kulo muzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.
bacima amandla omlilo, baphunyuka obukhali benkemba, baqiniswa ebuthakathakeni, baba ngamaqhawe ekulweni, baxosha amabutho abezizwe.
Kwathi ngangomuso umoya omubi kaNkulunkulu wehlela uSawule, waprofetha phakathi kwendlu; uDavide wabetha ngesandla sakhe njengakuqala, kwakukhona umkhonto esandleni sikaSawule.
USawule wawuphonsa umkhonto; ngoba wathi: Ngizamtshaya uDavida ngalo emdulini. UDavide wasuka kabili ebusweni bakhe.
USawuli walilalela ilizwi likaJonathani, uSawuli wafunga wathi: Kuphila kukaJehova, kayikubulawa.
USawule wamjikijela ngomkhonto ukuba amgwaze, uJonathani wazi ukuthi uyise unqume ukumbulala uDavide.