Wasukuma wawahlula amaFilisti, saze sakhathala isandla sakhe, sanamathela enkembeni; uJehova wenza insindiso enkulu ngalolo suku; amadoda abuya emva kwakhe ukuyophanga kuphela.
1 Samuweli 17:53 - Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwa-Israyeli babuya ekuxosheni amaFilisti, baphanga amatende awo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwa-Israyeli babuya ekuxosheni amaFilisti, baphanga ikamu* lawo. IsiZulu 2020 Abantu bakwa-Israyeli babuya ekuxosheni amaFilisti, baphanga inkambu yawo. |
Wasukuma wawahlula amaFilisti, saze sakhathala isandla sakhe, sanamathela enkembeni; uJehova wenza insindiso enkulu ngalolo suku; amadoda abuya emva kwakhe ukuyophanga kuphela.
Ngakho bonke abakudlayo bayakuqedwa; zonke izitha zakho ziyakuya ekudingisweni, kube yileso naleso; okuphangayo uyakuba yimpango, nabo bonke abakuphangayo ngiyakubanikela kube yimpango.
Kumenyezelwa incithakalo phezu kokubhujiswa; ngokuba izwe lonke selichithekile; kungazelelwe amatende ami abhidlika nezilenge zami ngokuphazima kweso.
Amadoda akwa-Israyeli noJuda azilungisa, amemeza, awaxosha amaFilisti, kwaze kwaba sesigodini nasemasangweni ase-Ekroni. Abalimeleyo bamaFilisti bawa endleleni eya eSaharayimi, kuze kufike eGati nase-Ekroni.
UDavide walithatha ikhanda lomFilisti, waliyisa eJerusalema; kepha izikhali zakhe wazibeka etendeni lakhe.
Wanikela ukuphila kwakhe esandleni sakhe, wambulala umFilisti, uJehova wenza ukusindisa okukhulu ku-Israyeli wonke; wakubona wathokoza; pho, niyakona ngani egazini elingenacala, nibulale uDavide ngeze, na?