Iwundlu lakho kumelwe libe elingenasici, eliduna elinonyaka owodwa; uyakulithatha ezimvini noma ezimbuzini.
1 Samuweli 13:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 USawuli wasebusa phezu kukaIsrayeli umnyaka owodwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE USawule wabusa umnyaka; esebusile iminyaka emibili kwa-Israyeli. IsiZulu 2020 USawule wayesekhulakhulile ngesikhathi eqala ukubusa. Esebuse iminyaka emibili kwa-Israyeli, |
Iwundlu lakho kumelwe libe elingenasici, eliduna elinonyaka owodwa; uyakulithatha ezimvini noma ezimbuzini.
Ngiyakuza ngani phambi kukaJehova, ngikhothame phambi kukaNkulunkulu ophakeme? Ngiyakufika phambi kwakhe neminikelo yokushiswa namathole amnyaka munye na?
USawule wazikhethela amadoda ayizinkulungwane ezintathu kwa-Israyeli; izinkulungwane ezimbili zazo zazinoSawule eMigimasi nasentabeni yaseBethele, nenkulungwane inoJonathani eGibeya lakwaBenjamini; abanye abantu wabamukisa, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.