1 Samuweli 12:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi uJakobe engena eGibithe, oyihlo bakhuleka kuJehova, uJehova wathuma oMose no-Aroni, bakhipha oyihlo eGibithe, babahlalisa kule ndawo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Lapho uJakobe esefikile eGibithe, oyihlo bakhala kuJehova, uJehova wathuma oMose no-Aroni abakhipha oyihlo eGibithe, babahlalisa kule ndawo. IsiZulu 2020 “Lapho uJakobe esefikile eGibhithe, okhokho benu bakhala kuSimakade. USimakade wathuma uMose no-Aroni, babakhipha okhokho benu eGibhithe, wabahlalisa kule ndawo. |
Kwathi ngalona lolo suku uJehova ekhipha abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe ngamabandla abo.
Yilabo o-Aroni noMose uJehova asho kubo ukuthi: “Bakhiphe abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe ngamabandla abo.
Okhokho bethu behlela eGibhithe, futhi sahlala isikhathi eside eGibhithe; abaseGibithe basicunula nawobaba.
Qina, ume isibindi, ngokuba laba bantu uyakubanika izwe engalifungela oyise ukubanika lona libe yifa labo.
UJehova wamnika u-Israyeli lonke izwe ayefunge ukulinika oyise; balidla, bahlala kulo.
wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Isho kanje iNkosi, uNkulunkulu ka-Israyeli, ithi: Ngakhuphula u-Israyeli eGibithe, nganisindisa esandleni sabaseGibithe, nasesandleni sayo yonke imibuso, nakuyo eyayinicindezela.
USamuweli wasesithi ebantwini: NguJehova owakhulisa oMozisi loAroni, owenyusa oyihlo elizweni leGibhithe.