Kumelwe usukume phambi kwempunga, uhloniphe ubuso bexhegu, wesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova.
1 kuThimothewu 5:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Umdala ungamkhuzi, kodwa umkhuze njengoyihlo; namasha njengabafowabo; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ungayikhaci indoda endala, kodwa yiyale njengoyihlo, namadoda amasha njengabafowenu, IsiZulu 2020 Ungayikhaci indoda endala, kodwa yiyale njengoyihlo, abesilisa abasebasha njengabafowenu, Baasraak Zulu New Testament Bible Umdala ungamkhuzi, kodwa umkhuze njengoyihlo; namasha njengabafowabo; |
Kumelwe usukume phambi kwempunga, uhloniphe ubuso bexhegu, wesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova.
Kepha nina maningabizwa ngokuthi Rabi, ngokuba munye uMfundisi wenu, uKristu; lani lonke lingabazalwane.
Sebebamisele abadala ebandleni ngebandla, bakhuleka nokuzila ukudla, babanikela eNkosini abakholwa yiyo.
Sebefikile eJerusalema, bamukelwa libandla labaphostoli labadala, balandisa ngakho konke uNkulunkulu ayekwenzile labo.
Nikani bonke okubafaneleyo; inkokhiso kubani; ukwesaba kokwesabayo; udumo kubani ukudunyiswa.
Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzinaka wena, funa ulingwe nawe.
owathi kuyise nonina: “Angimbonanga; akabazi abafowabo, akabazi nabantwana bakhe, ngokuba baligcinile izwi lakho, bagcina isivumelwano sakho.
Amalunga aphatha kahle makabalwe njengabafanele ukutuswa ngokuphindiweyo, ikakhulu lawo asebenza kanzima ezwini nasekufundiseni.
ukuze amadoda amadala abe ahluzekile, ahloniphekile, aqondileyo, aphilile ekukholweni, othandweni, nasekubekezeleni.
Kepha ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kuhlanzekile, bese kuba-nokuthula, nokumnene, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle, akunabandlululo, nokungazenzisi.
Kukhona ogulayo phakathi kwenu na? makabize amalunga ebandla; kabakhuleke phezu kwakhe, bamgcobe ngamafutha ebizweni leNkosi.
Amalunga aphakathi kwenu ngiyabakhuthaza, mina engimdala, nofakazi wezinhlupheko zikaKristu, nomhlanganyeli enkazimulweni ezakwambulwa;
Ilunga kuyo inkosikazi ekhethiweyo nabantwana bayo, engibathandayo ngeqiniso; kungemina ngedwa, kodwa nabo bonke abalaziyo iqiniso;
Isihlalo sobukhosi sasihanqe izihlalo zobukhosi ezingamashumi amabili nane, naphezu kwezihlalo zobukhosi kuhlezi amalunga angamashumi amabili nane, embethe izingubo ezimhlophe; babenemiqhele yegolide emakhanda abo.