Futhi akakho phakathi kwethu umuntu wasemini ongabeka isandla sakhe phezu kwethu sobabili.
1 kuThimothewu 2:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu, IsiZulu 2020 Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, ngumuntu uKhristu uJesu, Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu; |
Futhi akakho phakathi kwethu umuntu wasemini ongabeka isandla sakhe phezu kwethu sobabili.
Usho kanje uJehova, iNkosi ka-Israyeli, noMhlengi wakhe, uJehova Sebawoti; Mina ngingowokuqala, futhi ngingowokugcina; futhi akakho uNkulunkulu ngaphandle kwami.
Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, bayiqambe igama lokuthi u-Emanuweli, okungukuthi ngokuhunyushwa, uNkulunkulu unathi.
Inceku yasisithi: Nkosi, sekwenziwe njengokulaya kwakho, kodwa indawo isekhona.
ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.
Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa weqiniso, noJesu Kristu omthumileyo.
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.
Mayelana neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu, owavela enzalweni kaDavide ngokwenyama;
Ngokuba akukho mehluko phakathi komJuda nomGreki, ngokuba iNkosi eyodwa phezu kwabo bonke inothile kubo bonke abakhuleka kuyo.
Ngakho-ke mayelana nokudla okuhlatshelwe izithombe, siyazi ukuthi isithombe asilutho ezweni nokuthi akakho omunye uNkulunkulu ngaphandle koyedwa.
Kepha kithina munye uNkulunkulu, uYise, okuvela kuye zonke izinto, nathi sikuye; neNkosi eyodwa uJesu Kristu, okungaye zonke izinto, nathi singaye.
munye uNkulunkulu, noYise wabo bonke, ophezu kwabo bonke, okubo bonke, okini nonke.
Ngiyakuyala emehlweni kaNkulunkulu ophilisa zonke izinto, naphambi kukaKristu Jesu owafakaza isivumo esihle phambi kukaPontiyu Pilatu;
nakuJesu umlamuleli wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafazwa, elikhuluma okuhle kunelika-Abela.
Ngakho unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubakhulekela.
Kodwa khathesi usezuze inkonzo enhle kakhulu, njengoba engumlamuleli wesivumelwano esingcono, esimiswe phezu kwezithembiso ezingcono.
Ngakho-ke ungumlamuleli wesivumelwano esitsha, ukuze kuthi ekufeni kube kuhlengwa eziphambekweni ngaphansi kwesivumelwano sokuqala, ababiziweyo bamukele isithembiso sefa eliphakade.
Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuba ningoni. Uma umuntu ona, sinoMmeli kuYise, uJesu Kristu olungileyo;
Naphakathi kwezinti zezibani eziyisikhombisa onjengeNdodana yomuntu, embethe ingubo efika ezinyaweni, ebophe isifuba ngebhande legolide.