ukuze banikele iminikelo enephunga elimnandi kuNkulunkulu wasezulwini, bathandazele ukuphila kwenkosi namadodana ayo.
1 kuThimothewu 2:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho-ke kuqala kukho konke ngiyala ukuba ukunxusa, nokukhuleka, nokunxusa, nokubonga kwenzelwe abantu bonke; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngakho-ke kuqala kukho konke ngiyala ukuba ukunxusa, nokukhuleka, nokucela, nokubonga kwenzelwe abantu bonke, IsiZulu 2020 Ngakho-ke okokuqala nje, ngigqugquzela ukuba ukunxusa, ukukhuleka, ukucela nokubonga kwenzelwe abantu bonke; Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho-ke kuqala kukho konke ngiyala ukuba ukunxusa, nokukhuleka, nokunxusa, nokubonga kwenzelwe abantu bonke; |
ukuze banikele iminikelo enephunga elimnandi kuNkulunkulu wasezulwini, bathandazele ukuphila kwenkosi namadodana ayo.
Futhi igama lakhe elikhazimulayo malituswe ingunaphakade, futhi umhlaba wonke mawugcwaliswe ngenkazimulo yakhe; Amen, futhi Amen.
Nifune ukuthula komuzi enganiyisa kuwo njengabathunjwa, niwuthandazele kuJehova; ngoba ekuthuleni kwalo lizakuba lokuthula.
Nezikhathi zokungazi uNkulunkulu wazishaya indiva; kepha manje uyala abantu bonke ezindaweni zonke ukuba baphenduke;
Kuqala, ngibonga uNkulunkulu wami ngoJesu Kristu ngani nonke, ngokuba ukukholwa kwenu kukhulunywa ngakho emhlabeni wonke.
Kepha makabongwe uNkulunkulu, ngokuba naniyizigqila zesono, nalalela ngokusuka enhliziyweni leyo ndlela yesifundiso enanikelwa ngayo.
Ngokuba kuqala kunakho konke nganinika lokho engakwamukela nami, ukuthi uKristu wafela izono zethu njengokwemibhalo;
Ngangokuthi sanxusa uThithu, ukuthi, njengalokhu eseqalile, ngokunjalo agcwalise kini lowomusa lowo.
Ngakho-ke ngiyathanda ukuba ningadangali ngokuhlushwa kwami ngenxa yenu, okungudumo lwenu.
nimbonga njalo uNkulunkulu uBaba ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu;
ngokukhuleka konke nokunxusa nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya, nikulinde ngokubekezela okukhulu nokunxusela abangcwele bonke;
Ningakhathazeki ngalutho; kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.
Futhi iNkosi yenza ukuba nande futhi kuvame othandweni omunye komunye nakubo bonke, njengoba nje senza kini.
Simelwe ukubonga uNkulunkulu njalo ngani, bazalwane, ngokufaneleyo, ngokuba ukholo lwenu lukhula kakhulu, nothando lwenu nonke ngabanye luyevama;
Kepha yena ongumfelokazi osele yedwa uthembele kuNkulunkulu, uhlala ekunxuseni nasekukhulekeni ubusuku nemini.
Inceku yeNkosi akufanele ilwe; kodwa abe mnene kubo bonke, ekwazi ukufundisa, ngokubekezela,
Bangahlambalazi muntu, bangabi-ingxabano, kodwa babe mnene, bebonisa ubumnene bonke kubantu bonke.
Sifisa ukuthi yilowo nalowo kini akubonakalise lokho kukhuthala, kube yisiqinisekiso esigcwele sethemba kuze kube sekupheleni.
Vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla amakhulu.