Wafika e-Efesu, wabashiya khona; kepha yena wangena esinagogeni, wakhulumisana nabaJuda.
1 kuThimothewu 1:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Njengalokhu ngakuncenga ukuthi uhlale e-Efesu, ekungeneni kwami eMakedoniya, ukuze uyale abanye ukuthi bangafundisi enye imfundiso; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Njengokuba ngakutshela mhla ngiya eMakedoniya ukuthi wohlala e-Efesu, ukuze uyale abathile ngokuthi bangafundisi okwahlukileyo, IsiZulu 2020 Njengalokhu ngakunxusa ngesikhathi ngilibangise eMakhedoniya ukuba uhlale e-Efesu, ukuze uyale abathile ukuba bangafundisi okwahlukileyo, Baasraak Zulu New Testament Bible njengalokhu ngakuncenga ukuthi uhlale e-Efesu, ekungeneni kwami eMakedoniya, ukuze uyale abanye ukuthi bangafundisi enye imfundiso; |
Wafika e-Efesu, wabashiya khona; kepha yena wangena esinagogeni, wakhulumisana nabaJuda.
Kodwa wabavalelisa, wathi: “Ngimelwe nakanjani ukugcina lo mkhosi ozayo eJerusalema, kepha ngiyakubuyela kini, uma uNkulunkulu ethanda. Wamuka ngomkhumbi e-Efesu.
Ngokuba kwaba kuhle kwabaseMakedoniya nabase-Akhaya ukunikela okuthile kwabampofu abangcwele baseJerusalema.
Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nezikhubekiso bephambene nesifundiso enasifundiswa nina; futhi ubagweme.
Ngokuba uma ozayo eshumayela omunye uJesu esingamshumayelanga, noma namukela omunye umoya eningawemukeliyo, noma elinye ivangeli enangalemukelanga, ningambekezelela kahle.
Ukuze singabe sisaba abantwana, sijikijelwa ngapha nangapha, siqhutshwa yiwo wonke umoya wemfundiso, ngobuqili babantu, nobuqili bobuqili abaqamekela ukudukisa ngabo;
Uma ukhumbuza abazalwane ngalezi zinto, uyakuba yisikhonzi esihle sikaJesu Kristu, esondliwe ngamazwi okukholwa nesifundiso esihle osigcinile.
Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi, okuthe abanye ngokuyifisa baduka ekukholweni, bazigwaza ngeminjunju eminingi.
Yala abanothileyo kulomhlaba ukuthi bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebweni engaqinisekile, kodwa mabathembele kuNkulunkulu osinika ngokucebile konke ukuba sikujabulele;
Uma umuntu efundisa enye into, engavumelani namazwi aphilileyo, amazwi eNkosi yethu uJesu Kristu, nesifundiso esivumelana nokumesaba uNkulunkulu;
INkosi mayimnike ukuba athole umusa eNkosini ngalolo suku, nokuthi zingaki izinto angikhonza ngazo e-Efesu, uyakwazi wena kahle.
Ngokuba abakhohlisi abaningi bangenile ezweni, abangamvumi uJesu Kristu ukuthi uzile enyameni. Lo ungumkhohlisi nomphikukristu.
Kepha nginezinto eziyingcosana ngawe, ngokuba unabo lapho ababambe isifundiso sikaBileyamu owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, ukuba badle okuhlatshelwe izithombe, benze ubufebe.
Kodwa ngilezinto ezinlutshwana ngawe, ukuthi uvumela owesifazana uJezebeli, ozibiza ngokuthi ungumprofethikazi, ukufundisa lokuduhisa inceku zami ukuthi ziphinge lokuthi zidle okuhlatshelwe izithombe.