1 kaPetru 3:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngubani onganilimaza, uma nilingisa okuhle na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Pho, ubani onganilimaza, uma nishisekela okuhle na? IsiZulu 2020 Pho ngubani onganilimaza uma nishisekela ukwenza okuhle na? Baasraak Zulu New Testament Bible Ngubani onganilimaza, uma nilingisa okuhle na? |
Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova, wenza ngisho nezitha zakhe zibe nokuthula naye.
Mthathe, umbheke kahle, ungamenzi okubi; kodwa yenzani kuye njengokutsho kwakhe kini.
Ngokuba ababusi kabesabeki kwabenza okuhle, kodwa kwabenza okubi. Pho, awuwesabi amandla na? yenza okuhle, futhi uyakuba nodumo yikho;
Njalo siyazi ukuthi konke kusebenzelana kube ngokuhle kwabamthandayo uNkulunkulu, ababiziweyo ngecebo lakhe.
Qaphelani ukuthi kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kodwa landelani njalo okuhle phakathi kwenu lakubo bonke abantu.
Kufakazelwe kahle ngemisebenzi emihle; uma ondle abantwana, uma engenise izihambi, uma egezile izinyawo zabangcwele, uma esize abahluphekayo, uma ekhuthalele wonke umsebenzi omuhle.
owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge kubo bonke ububi, futhi azihlambulule isizwe esiyisizwe, esishisekela imisebenzi emihle.
Sithandwa, ungalandeli okubi, kodwa okuhle. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu, kepha owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.