Kepha umnsalo wakhe unamandla, nezingalo zezandla zakhe zaqiniswa ngesandla sikaNkulunkulu onamandla kaJakobe; (ngakho-ke umalusi, idwala lika-Israyeli:)
1 kaPetru 2:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho-ke kukhona embhalweni ukuthi: Bheka, ngibeka eSiyoni itshe legumbi elikhethiweyo, eliyigugu; okholwa yiyo akayikujabhiswa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba kukhona embhalweni ukuthi: “Bhekani, ngibeka eSiyoni itshe legumbi elikhethekile, liyigugu; okholwa yilo akasoze ajabhiswa.” IsiZulu 2020 Ngokuba umbhalo, uthi: “Ngibeka eZiyoni itshe legumbi elikhethekileyo, eliyigugu. Okholwa kuye akasoze ajabhiswa.” Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho-ke kukhona embhalweni ukuthi: Bheka, ngibeka eSiyoni itshe legumbi elikhethiweyo, eliyigugu; okholwa yiyo akayikujabhiswa. |
Kepha umnsalo wakhe unamandla, nezingalo zezandla zakhe zaqiniswa ngesandla sikaNkulunkulu onamandla kaJakobe; (ngakho-ke umalusi, idwala lika-Israyeli:)
Mabame benamahloni kanyekanye, babe namahloni abafuna umphefumulo wami ukuwubhubhisa; mababuyiselwe emuva bajabhe abangifisela okubi.
Khona-ke wakhuluma koNgcwele wakho embonweni wathi: “Nginikeze usizo olunamandla; ngiphakamisile okhethiweyo phakathi kwabantu.
Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngibeka eSiyoni itshe, itshe elivivinyiwe, itshe legumbi elinqabileyo, isisekelo esiqinile; okholwayo akayikuxhamazela.
Bheka, bonke abakuthukuthelele bayakuma benamahloni, babe namahloni; nabaxabana nawe bayakubhubha.
Bheka, inceku yami engiyisekelayo; abakhethiweyo bami othokoza ngabo umphefumulo wami; ngibekile uMoya wami phezu kwakhe: uyakuletha ukwahlulela kwabezizwe.
Ngisondeza ukulunga kwami; akuyikuba kude, nensindiso yami ayiyikulibala; ngiyakubeka insindiso eSiyoni ku-Israyeli, inkazimulo yami.
Ningesabi; ngoba kawuyikujabha, njalo kawuyikuma lenhloni; ngokuba uyakukhohlwa ihlazo lobusha bakho, ungabe usalikhumbula ihlazo lobufelokazi bakho.
Kodwa ngizalitshengisa okuphawulwe emibhalweni yeqiniso; futhi akekho ongibambele kulezi zinto, ngaphandle kukaMikayeli, isikhulu senu.
Kwavela kuye ikona, kuye isikhonkwane, kuye umnsalo, kuye bonke abacindezeli kanyekanye.
Bheka, inceku yami engiyikhethileyo; othandiweyo wami othokoza kuye umphefumulo wami;
Wababheka wathi: “Pho, kuyini lokhu okulotshiweyo ukuthi: “Itshe abalinqabayo abakhi lona laba yinhloko yegumbi?
Abantu bema bebukela. Nababusi bamhleka usulu, bathi: “Wasindisa abanye; akazisindise, uma enguKristu, okhethiweyo kaNkulunkulu.
Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, kugobhoza esiswini sakhe imifula yamanzi aphilayo.
Madoda, bazalwane, kwakumele ukuba kugcwaliseke lombhalo uMoya oNgcwele owakhuluma ngaphambili ngomlomo kaDavida ngoJudasi owayengumkhokheli walabo abambamba uJesu.
Njengalokho wasikhetha kuye ngaphambi kokusekelwa kwezwe, ukuze sibe ngcwele, singasoleki phambi kwakhe othandweni;
Nakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaprofethi, uJesu Kristu uqobo lwakhe eyitshe legumbi;
Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu, ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni;
Okuza kuye njengetshe eliphilayo, elaliwayo ngempela ngabantu, kodwa elikhethiweyo nguNkulunkulu, eliyigugu;
netshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa, kwabakhubekayo ngezwi ngokungalilaleli, ababemiselwe lokho futhi.
nikwazi lokhu kuqala, ukuthi asikho isiprofetho sombhalo esivela kunoma iyiphi incazelo yomuntu ngokwakhe.
njengalokhu nakuzo zonke izincwadi zakhe, ekhuluma kuzo ngalezizinto; okukhona kuzo ezinye izinto ezilukhuni ukuzwisiswa, okuthi abangafundileyo nabangazinzile bazihlanekezele, njengokuba benza neminye imibhalo, kube ngukubhujiswa kwabo.